Uyaziqhenya ngokusayinisa uBilliat
UZISHAYA isifuba uBobby Motaung, oyimenenja yeKaizer Chiefs, ngokusayinisa umdlali osezingeni uKhama Billiat.
UBilliat, owethulwe ngokusemthethweni kuMakhosi ngesonto eledlule, bekubhekwe ukuthi aye phesheya kwezilwandle ngemuva kokwenqaba ukuvuselela inkontileka yakhe neMamelodi Sundowns. Leli qembu laseChloorkop lizame lehluleka ukugcina uBilliat. Lo mdlali ubemataniswa namaqembu aphesheya okubalwa kuwona aseSaudi Arabia, Azerbaijan naseTurkey.
ISundowns bese iqale phansi izama ukuncenga lo mdlali waseZimbabwe ukuthi ahlale kodwa wagcina kwiChiefs.
Ngesikhathi ekhuluma neKickoff.com, uMotaung uthe akuzange kube nzima ukusayinisa uBilliat ozohlala eNaturena amasizini amathathu.
“Bekungenzima nakancane. Njengoba wazi ungumdlali ophezulu futhi sonke besazi ukuthi uzoya phesheya. Wonke amaqembu amakhulu abemfuna. Ubetholakala njengamanje ukuthi simsayinise kodwa senza izinto ngendlela ehlukile kwiChiefs uma kubhekwa ukuthi sizihlela kanjani izingxoxo zethu nokuthi sikhuluma kanjani nomdlali,” kusho uMotaung.
UMotaung uveze ukuthi akagcinanga ngokukhuluma nomdlali kuphela kodwa wenze isiqiniseko sokuthi uyaxhumana nomndeni wakhe ukuze yonke into ihambe kahle.
“Kuningi okusisizile ukuze sigcine simsayinisile uBilliat. Indlela esixoxe ngayo nomdlali kanjalo nomndeni wakhe imenze wabona ukuthi kumele nakanjani eze kwiChiefs.”
Ukufika kukaBilliat eNaturena kulindelwe ukuthi kuvuse abadlali abafana noLeonardo Castro, oke wadlala naye kwiSundowns, Siphelele Ntshangase, Kabelo Mahlasela noRyan Moon. Ngaphandle kwalokho kusalindelwe ukuthi kube khona abanye abadlali abazosayina kwiChiefs ngaphambi kokuthi kuqale isizini.
Abalandeli beZimpofana bakulindele ngabomvu ukuzwa ukuthi ubani ozobe eqeqesha iqembu ngesizini ezayo. Ngokwemibiko yakamuva uStuart Baxter ongumqeqeshi weBafana Bafana angase abuyele eNaturena. Nokho konke kungase kuncike ekutheni iSouth African Football Association (Safa) ixoxa ithini noBaxter mayelana nenkontileka anayo nale nhlangano.