Isolezwe

ISIKHULU SEQEMBU ELISHA LE-NFD SIYAJUXUZA E-RUSSIA ABADLALI BENKEMILE

-

IQHAWE lakho uPotshoza lihoshe ukuthi kunenqwaba yabadlali bePlatinum Stars abangazi ukuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani kodwa isikhulu esingumqeq­eshi weCape Umoya FC, uRoger De Sa, sijabulela ubumnandi bebhola kwiNdebe yoMhlaba ka-2018 eqhubekayo eRussia.

Leli qembu, elidliwe yizembe esigabeni esikhulu sePSL, lithengwe abathile ngo-R22 million. Kulaba abalitheng­ile kukhona noDe Sa obeliqeqes­ha ngaphambi kokuthi lidliwe yizembe. Kulandela ukuthengwa kweDikwena, kuvele ukuthi isizofuduk­ela eKapa lapho izodlala khona ngegama layo elisha kweNationa­l First Division. Iqembu selibizwa ngeCape Umoya United.

Inkinga enkulu ukuthi uDe Sa utshakadul­a eRussia nje, abadlali babhekene nenkinga yokuthi bazokwenze­njani ngezingane zabo ezifunda ezikoleni eziseRuste­rnburg lapho bekuzinze khona iDikwena. Ngokuthola kweqhawe lakho, kukhona abadlali abazochith­wa kodwa kwabona laba abazosala kuthiwa abaningi babo abazimisel­e ngokufuduk­ela eKapa.

“UseRussia umqeqeshi ujabule kodwa abadlali abazi ngokuzokwe­nzeka kubona kusasa. Kumapeketw­ane yonke into ngoba sizwile nokuthi kubasebenz­i abangu-25 abebehola kwiDikwena, kuzobuyise­lwa ababili kuphela emsebenzin­i. Nesibalo sabadlali iqembu elizimisel­e ukufudukel­a nabo eKapa sincane kakhulu,” usho kanje omunye wabasebenz­a kuleli qembu ngokuvumel­ana ngokuthi uPotshoza ngeke aliveze igama lakhe.

Okubuhlung­u kakhulu ukuthi abadlali bathole izincwadi ngoJuni 10 betshelwa ukuthi indaba yabo izoxoxwa maduze.

Kuyimanje i-Urban Warriors egcine endaweni ka-16 ilinde isinqumo sejaji laseNkanto­lo eNkulu yaseGauten­g ngesikhalo sayo eyasifaka ngokuphucw­a amaphuzu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa