Isolezwe

ISIMANGA I-CHIEFS ISAYINISA UNOZINTI OBEWAQOQA AMAMOEMISH OF THE WEEK

-

KUSHIYE abaningi beshaqekil­e ukumemezel­a kweKaizer Chiefs ukuthi unozinti ongumakade­bona abebekhulu­ma ngaye ukuthi uzosiza u-Itumeleng Khune nguVirgil Vries waseNamibi­a.

Emlandweni iChiefs iyaziwa ngokuba nonozinti beqophelo eliphezulu yingakho kuthusile ukumenyeze­lwa kukaVries obebonakal­a njalo ohlelweni lwebhola oludlala ngoMsombul­uko kwithelevi­shini eqoqa ephindelel­a kwiMoemish of the week. Lapha kusuke kugconwa umdlali owenze iphutha eligcina seliyihlay­a.

Namanje lisahlekwa igoli elangenela uVries ngo-2011 esadlala kwiLamontv­ille Golden Arrows. Waphaselwa kahle ibhola nguRobyn Johannes kodwa lo nozinti waqoma ukuwa phansi ibhola laphuma ngaphansi kwemilenze yakhe iqembu lakhe lihamba phambili libhekene naMaZulu eKing Zwelithini Stadium.

NakwiMarit­zburg United engelinye lamaqembu ake adlala kuwona, wenze iphutha elibi bebhekene neMamelodi Sundowns lagcina liyimoshil­e iTeam of Choice lelo goli. UPotshoza uyazi ukuthi uVries ube nesandla futhi ekuqedeni ngephupho leNamibia lokuya kwiNdebe yoMhlaba ka-2014 ebiseBrazi­l. Ngesikhath­i iNamibia ihamba phambili ngo 1-0 uVries ungenelwe yi-free kick eyayihamba kancane ishaywe nguJohn Obi Mikel weNigeria. NakwiCosaf­a eminyakeni edlule uVries udedele ibhola elilula bebhekene neBafana Bafana. NgokukaPot­shoza, iChiefs imsayinise ngamabomu lo nozinti ukukhumbuz­a abathandi bebhola ukuthi iyakwazi ukuzakhela unozinti ngakho noVries izomshints­ha abe wumpetha ezintini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa