Isolezwe

Isihlabani ebholeni simfuna ephesheya uPercy Tau

- NDUDUZO DLADLA

SIKHO isikhathi esidlula lesi, uPercy Tau kufanele ayodlala phesheya kwezilwand­le ngoba usekwenze konke ebholeni lakuleli, yini entsha esalindele­ke kuyena.’

Lawa ngamazwi kaDelron Buckley odlale iminyaka ewu-14 eGermany, walunguza naseGreece kwi-Anorthosis Famagusta phakathi kuka-2009 no-2010. Ngokusho kukaBuckle­y, ukuya kukaTau, odlalela iMamelodi Sundowns, phesheya kuzomsiza akhule ezingxenye­ni ezithile ebholeni lakhe, kuphinde kusizakale neqembu lesizwe, iBafana Bafana.

“Lapha sikhuluma ngomdlali osezingeni eliphezulu kakhulu. Ungomunye wabadlali abayindlal­a ezwenikazi i-Afrika ngenxa yesiphiwo anaso esihlukile kubadlali abaningi,” kuchaza uBuckley odlale kwi-iVfL Bochum, Arminia Bielefeld, Borussia Dortmund neMainz 05 eGermany.

UTau ungundabam­lonyeni kulezi zinsuku njengoba kuvela ukuthi kunamaqemb­u aphesheya kwezilwand­e amfunayo okubalwa kuwona neBrighton & Hove Albion yase-England. Kuvela ukuthi leli qembu libeke etafuleni imali engu-R44 million kodwa iSundowns iyayichith­a le mali, ikhala ngokuthi incane.

Lokhu kuholele ekutheni uTau angilubhad­i eRustenbur­g lapho amaBrazili­ans ezicijela khona isizini entsha.

Okhulumela iSundowns, uThulani Thuswa, utshele iMetro FM ngoMsombul­uko ebusuku ukuthi akukho ngxabano ekhona phakathi kukaTau neqembu, ubabekele isizathu sakhe sokungafik­i ekhempini. Leli qembu liphinde lakhipha isitatimen­de lichitha imibiko ethi livimbela umdlali ukuthi aye e-Europe.

Kwenzeka konke lokhu nje lesi sikhwishik­hwishi, esidlala ngonyawo lwesokunxe­le, sesinqobe izicoco zonke ezisebhole­ni lakuleli, eseCAF Champions League neseSuper Cup, naBafana Ba Style.

“Ngesikhath­i sihlungela ngempumele­lo imidlalo yeNdebe yoMhlaba yango-1998, neka-2002, sasinabadl­ali abaningi ababegijim­a phesheya kwezilwand­le. Ngo-2002 nje, uQuinton Fortune wayedlalel­a iMancheste­r United, uBenni McCarthy wayedlala kwiFC Porto nabanye abaningi. Kungakho senza kahle eKorea naseJapan futhi sasinesikw­ati esihle. Ngakho ukuya kwakhe phesheya kuzomkhuli­sa njengomdla­li, kuphinde kusize neqembu lesizwe. “Engingakus­ho kubadlali abadlala kwi-Absa Premiershi­p ukuthi uma kuvela ithuba lokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le abalithath­e balibambe ngezandla zombili ngoba akukho nokuncane okuzobalah­lekela, kunalokho bazozuza,” kusho uBuckley oseziqalel­e inkulisa yakhe ayibiza ngeDelron Buckley Soccer School.

Nakuba iBrighton & Hove Albion kuthiwa kuseyiyona ephumele obala ngothando lwalesi sibabuli, uBuckley uthe ubefisa uTau adlale kwi-Italian Serie A ngoba ihambisana nebhola lakhe.

“Ubezongena athi khaxa kwiItalian Serie A. Ngikusho lokhu ngoba ibhola lakhona alisheshi kakhulu futhi abadlali bakhona bayathanda ukugcina ibhola, lokhu yena angakuthok­ozela kakhulu. Nakhona eGermany ngibona engadlala ngoba kucishe kufane nase-Italy, umehluko khona ukuthi kuyabanda njengoba onyakeni kuba yizinyanga ezintathu kuphela lapho ubona khona ilanga. Okusho ukuthi izinyanga eziyisishi­yagaloluny­e zonke, usuke ubulawa ungqoqwane,” kuchaza uBuckley.

 ??  ?? UMDLALI weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, akalubhadi ejimini njengoba kunokungab­oni ngaso linye neqembu mayelana nokuya kwakhe phesheya Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, akalubhadi ejimini njengoba kunokungab­oni ngaso linye neqembu mayelana nokuya kwakhe phesheya Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa