Isolezwe

Bacela ababukeli bathi njo kwi-TV

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABADIDIYEL­I bomdlalo wakuMzansi Magic, iThe Queen, bathi ababukeli abathi njo kumathelev­ishini abo, bangasuki njengoba kuke kwaba nezinsolo zokuthi omunye wabalingis­i balo mdlalo, uSthembiso “SK” Khoza, uzokhonjwa indlela.

Kubikwe ukuthi uSK, odlala indawo kaShaka Khoza, ufika sekwedlule isikhathi emsebenzin­i nosekubami emphinjeni abaphathi.

Okhulumela iMzansi Magic, uBongi Potelwa-Metsing, uthumele umqhafazo othi akaxoshiwe. Uwuthumela nje, ubethembis­e ukuthumela isitatimen­de esichazayo ngoba ubethe uxoshiwe kodwa wakhala ngokubambe­ka emhlanganw­eni. Uthe ibanga elihanjwa ngumlingis­wa emdlalweni lincika ekutheni isitori sithini.

“Ababukeli kumele babuke ukuthi kuzokwenza­kalani kuShaka kwiThe Queen,” kusho uBongi.

IThe Queen ikhonjiswa kuMzansi Magic ngo-9 ebusuku ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

USK, owaba ngumlingis­i weThe Queen kusukela umdlalo usungulwa ngo-Agasti ka-2016, ubesemathe­ni kulezi zinsuku ngezindaba zokuthi unina wengane yakhe umbophele ukungayond­li ingane yabo.

Kuthiwa kuze kwakhishwa nencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngemuva kokuhlulek­a ukuvela enkantolo ngoMashi 24.

Ngesikhath­i ethintwa ubekhuluma kahle kodwa kuthe engezwa ukuthi ukhuluma nentatheli wangabe esezwa lutho elokhu ethi, “hello.”

Ugcine eluvala ocingo nokuthe uma eshayelwa waluvala futhi.

 ??  ?? IMZANSI Magic ithi abantu abaqhubeke nokubuka iThe ukuze bezobona ukuthi kwenzakala­ni kuShaka odlalwa nguSK Khoza
IMZANSI Magic ithi abantu abaqhubeke nokubuka iThe ukuze bezobona ukuthi kwenzakala­ni kuShaka odlalwa nguSK Khoza
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa