Bacela ababukeli bathi njo kwi-TV
ABADIDIYELI bomdlalo wakuMzansi Magic, iThe Queen, bathi ababukeli abathi njo kumathelevishini abo, bangasuki njengoba kuke kwaba nezinsolo zokuthi omunye wabalingisi balo mdlalo, uSthembiso “SK” Khoza, uzokhonjwa indlela.
Kubikwe ukuthi uSK, odlala indawo kaShaka Khoza, ufika sekwedlule isikhathi emsebenzini nosekubami emphinjeni abaphathi.
Okhulumela iMzansi Magic, uBongi Potelwa-Metsing, uthumele umqhafazo othi akaxoshiwe. Uwuthumela nje, ubethembise ukuthumela isitatimende esichazayo ngoba ubethe uxoshiwe kodwa wakhala ngokubambeka emhlanganweni. Uthe ibanga elihanjwa ngumlingiswa emdlalweni lincika ekutheni isitori sithini.
“Ababukeli kumele babuke ukuthi kuzokwenzakalani kuShaka kwiThe Queen,” kusho uBongi.
IThe Queen ikhonjiswa kuMzansi Magic ngo-9 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
USK, owaba ngumlingisi weThe Queen kusukela umdlalo usungulwa ngo-Agasti ka-2016, ubesematheni kulezi zinsuku ngezindaba zokuthi unina wengane yakhe umbophele ukungayondli ingane yabo.
Kuthiwa kuze kwakhishwa nencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngemuva kokuhluleka ukuvela enkantolo ngoMashi 24.
Ngesikhathi ethintwa ubekhuluma kahle kodwa kuthe engezwa ukuthi ukhuluma nentatheli wangabe esezwa lutho elokhu ethi, “hello.”
Ugcine eluvala ocingo nokuthe uma eshayelwa waluvala futhi.