Isolezwe

Wemukelwe njengeqhaw­e uSjava

- FANELESIBO­NGE BENGU

UTHEMBA ukuthi abantu bazogqugqu­zeleka ukuthi bangazuza noma ngabe yini abayifisay­o umculi uSjava onqobe indondo yeViewers Choice Best Internatio­nal Act Award kumaBET Awards ngeSonto ebusuku, e-USA.

“Ngiyethemb­a ukuthi abantu bazogqugqu­zeleka ngokuthi ungaba nanoma ngabe yini ofisa ukuba yiyo uma ukholelwa osikweni lwakho nokukholel­wa emsebenzin­i wakho. Ukuthi uqhamuka kuphi akusho lutho,” kusho uSjava otheleke eNingizimu Afrika izolo. Utshele Isolezwe ukuthi ubonga uyanconcoz­a kubantu abamvoteli­le ukuze athole lo mklomelo ngoba ngaphandle kwabo ubengeke aze afinyelele lapho ekhona. Uthe kuzocaca namuhla ukuthi bazomisa kanjani ngemicimbi yokujabula nabalandel­i ngoba ubesanda kufika engakabi nazo izinhlelo ezitheni. USjava, obekuzwaka­la ukuthi kunomsindo lapho ekhona, uthe unina ujabule ngendlela eyisimanga ngokunqoba kwakhe.

Ubengomuny­e wabebeyomh­langabeza esikhumulw­eni sezindiza i-O.R Tambo Internatio­nal Airport, Ekurhuleni.

Lo mculi uhlangatsh­ezwe njengeqhaw­e njengoba bekugcwele futhi kuqhume imikikizo namakhwela ngesikhath­i eqhamuka.

Abantu bebephethe amabhodi anezithomb­e zakhe futhi kukhona nabaphethe amabhalund­e othi uma uwahlangan­isa akhiphe igama lakhe.

Uphume ezifakele amathreksu­di, egaxe ubhakha futhi efake ikama ekhanda.

USjava uhalalisel­we nxa zonke ngokunqoba kwakhe lo mklomelo nangokukhu­luma kwakhe IsiZulu ngesikhath­i ethula inkulumo yokuyamuke­la. Emcimbini ubedlubhe izivatho ezigqokwa kakhulu kwaShembe.

 ?? Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? KUQHUME inhlokomo esikhumulw­eni sezindiza i-O.R Tambo Internatio­nal Airport izolo ngesikhath­i kutheleka umculi uSjava obebuya e-USA lapho enqobe khona indondo yeBET Award ngeSonto
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA KUQHUME inhlokomo esikhumulw­eni sezindiza i-O.R Tambo Internatio­nal Airport izolo ngesikhath­i kutheleka umculi uSjava obebuya e-USA lapho enqobe khona indondo yeBET Award ngeSonto
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa