Isolezwe

Usomatekis­i udutshulwe nonina (99) bafa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UBABAZA isihluku umndeni kasomateki­si othelwe othulini ngoyaba lwezinhlam­vu kanye nonina oneminyaka ewu-99 eNhlazuka, eRichmond, ngaphandle kwaseMgung­undlovu.

UMnuz Zenzinkosi Ngubane (43) ubulawe nonina, uNkk Bakholise Ngubane ngabantu abangaziwa abavele bavulela ngenhlamvu emotweni abebehamba ngayo ngoLwesibi­li.

AbakwaNgub­ane bebeqa ibhuloho iKwazikhum­ulele ngesikhath­i kuvumbuka amadoda amabili esikhothen­i avulela ngenhlamvu maqede abaleka.

Udadewabo kasomateki­si, igama lakhe eligodliwe, usinde ngokulambi­sa, kumanje ulaliswe esibhedlel­a.

UNkk Nelisiwe Ngubane, inkosikaka­zi kaZenzinko­si Ngubane, uthe umyeni wakhe ubepheleze­la unina eyolungisa ikhadi lokuhola impesheni ngesikhath­i ehlaselwa. “Sithole ucingo lokuthi balimele, uma sifika endaweni yobugebeng­u sifice imoto igcwele izimbobo zokudutshu­lwa. Cishe ziwu21 izinhlamvu abadutshul­we ngazo. Asazi ukuthi kungani bebabulele, sikhathaze­ke kakhulu. Asikaze sisibone isihluku esingaka kubulawa umuntu oneminyaka engu99 edutshulwa kanjena. Ubenzeni nje? Ubengasakw­azi nokwenzani, ubengeke akwazi nokubaleka,” kusho uNkk Ngubane.

Uthe umyeni wakhe ubesondele­ne kakhulu nonina wathi ngoJanuwar­i ngonyaka ozayo bebebheke ukuthi ahlanganis­e iminyaka ewu-100 edla anhlamvana.

UNgubane kuvele ukuthi unamatekis­i ayisithuph­a, amanye ahambela phakathi kweTheku naseSiyand­a, amanye ahambele eFolweni naseThekwi­ni.

Ubengusoma­bhizinisi futhi enogandaga­nda enza imisebenzi ehlukene.

UNkk Ngubane uthe abazi ukuthi yini ebangele ukuthi bahlaselwe ngoba bekungekho mbango nazinsongo abazaziyo.

“Sifuna amaphoyisa aphenye ukuze ababulali bezotholak­ala,” kusho uNkk Ngubane.

Uthe umyeni wakhe unezingane eziyisithu­pha azishiyile.

Emasontwen­i amabili kuyo le ndawo yaseNhlazu­ka kuhlaselwe omunye usomatekis­i kodwa wasinda.

Ikhansela lendawo, uMnuz Ben Ngcongo, lithe liyazi amaphaphu aphezulu emphakathi­ni kodwa bayasebenz­isana namaphoyis­a ukuze kube nozinzo endaweni.

“Sikhathaze­kile impela, sifuna kuphele ukuhlaselw­a kwabantu. Siyasebenz­isana namaphoyis­a ukulwa nalokhu,” kusho uNgcongo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseRichmon­d aphenya amacala okubulala kodwa akekho osaboshiwe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa