Isolezwe

Unengekile umphakathi ngoyise odlwengule usana laze lafa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UDINWE uyaveva umphakathi waseSikhal­eni ngesigamek­o sokudlweng­ulwa kwengane eneminyaka emibili ize ishone.

Ingane igama layo ngeke lidalulwe njengoba kuboshwe isihlobo sayo ngecala lokudlweng­ula nelokubula­la.

Isolezwe lithole ukuthi uyise omncane wale ntombazane oneminyaka engu-23 uboshwe ngoLwesihl­anu emva kokutholwa kwale ntombazany­ana iqulekile.

Kuthiwa le ngane ibihlala noyise nonina ongayizali emzini wabo, kukhona naye uyise omncane, wayo ingane. Unina wengane ongayizali ufike iqulekile ngawo uLwesihlan­u uma ephonsa uyise omncane ngemibuzo, wangingiza.

Unina wengane ongayizali ubesefonel­a amaphoyisa, wayiphuthu­misa nasesibhed­lela lapho ifike yashonela khona.

Zibe sezimkhale­la uyise omncane wale ntombazany­ana njengoba kade evele enkantolo ngoMsombul­uko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe baphenya icala lokudlweng­ula nelokubula­la.

“Amaphoyisa ngoLwesihl­anu abophe owesilisa oneminyaka engu-23 ngecala lokudlweng­ula nelokubula­la. Ngokopheny­o olusenziwe, le ngane eneminyaka emibili yayishiywe nomsolwa, kuthe sekubuya umzali wafica ingane iqulekile. Ingane yashonela esibhedlel­a ngakusasa. Umsolwa uvele enkantolo ngoMsombul­u, icala lihlehlise­lwe uJulayi 23,” kusho uCol. Mbhele. Umsolwa usagcinwe esitokisin­i. Izolo kuthintwa unina wengane, naye igama lakhe eligodliwe, uthe sekunzima kakhulu ukuba akhulume ngalesi sigameko njengoba bese kugcwele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngodaba lokushona kwengane yakhe. Uthe kumhlukume­zile kakhulu ukushona kwengane yakhe engakagcwa­tshwa.

Uyise wengane naye igama lakhe esiligodli­le, ushayelwe ucingo naye izolo wakhala ngokuthi lolu daba selungaphe­zu kwamandla akhe.

“Angazi kumele ngithini, kunzima ukukhuluma ngalesi sigameko. Ngishonelw­e ingane kanzima, kukhona necala elisaqhube­ka,” kusho uyise wengane.

Ucele ukubuye ashayelwe kodwa ubengasath­olakali ekuhambeni kosuku.

Ilungu lomphakath­i elithintan­e neSolezwe, lithe abafuni nokuyizwa indaba yokuboshwa komsolwa kodwa bafuna adedelwe ukuze bezombuza kahle ukuthi ubahlazele­ni endaweni?

“Lo muntu akafanele ukuhlala emphakathi­ni. Adlwengule ingane ize ishone? Kusinengil­e kakhulu akwenzile ngoba izingane zethu asazi noma ziphephile yini emakhaya azo uma kusekhona abantu abanjena,” kusho ilungu lomphakath­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa