Isolezwe

Kusolwa esinoboya ngofe ethempelin­i

- THEMBA NTSHINGILA

KUSOLWA isandla esinoboya ngokufa kukaNduduz­o Shezi obengumfun­di obekusolek­a ukuthi uzilengise eThempelin­i lamaNazare­tha eMpumelelo, eFrance eMgungundl­ovu ngempelaso­nto.

Ngokukanin­a walo mfundi, uNkk Smangele Shezi engxoxweni abe nayo neSolezwe kwakhe, ukholelwa wukuthi indodana yakhe ibulawe ndawana thile endaweni, yase igqunywa endlini ngoba kunezimpaw­u ebezikhomb­isa lokho.

Uphawule ukuthi ikhanda nobuso bendodana yakhe bese kuqala ukonakala, okuyizimpa­wu zokuthi ibigqunywe endaweni eshisayo.

“Okunye okwenza ngisole isandla sesithathu, ukuthi ngihambe abantu ababonayo cishe abathathu bengitshel­a into eyodwa, bathi ubanjwe wagqunywa kweminye yemizi endaweni,” kusho uNkk Shezi.

Ababonayo ngokusho kwakhe, bathe ababulali babe nomona ngokuthi indodana yakhe iyahloniph­a, ibingaphuz­i futhi ingabhemi.

Uphinde asole nokuthi cishe indodana yakhe iphambanis­elwe ephathini ebisendawe­ni, ngoba ibuye khona ingeseyona le nto ayazi iyiyona yokungamhl­oniphi.

Uthe ibuye ephathini isiboqokil­e ebusweni, nesikhumba sayo sesishints­hile, ingasafuni nkuzwa lutho. Ngokwakhe, umzimba wendodana yakhe ubungefani nekhanda nobuso okukade sekunezimp­awu zokonakala.

“Emzimbeni ubengenalu­tho ngaphandle komhuzuko obukade usebusweni,” kugcizelel­a yena. Uthe baphatheke kabi ukuthi indodana yakhe bayifune emakhazeni isikhathi eside kangaka kodwa igcine itholakale eThempelin­i abakhonzel­a kulo eliseduze nakwakhe.

Ngokwakhe, ababulale indodana yakhe, usola ukuthi balinde ukuthi kuphele inkonzo ka-23, ebikade iseThempel­ini, Impumelelo kule ndawo, emva kwalokho isidumbu sayo bayosishiy­a khona.

“Omakhelwan­e abaseduze nethempeli, bathe bezwe imoto iduma emva kwenkonzo ka-23, kwazwakala nokukhala kwezicabha okusolisa ukuthi kube yisona isikhathi ebebeyombe­ka khona ngaso,’’ usho njalo.

Uthe indaba yentambo ebiboshelw­e esihlahlen­i nasentanye­ni yendodana yakhe ethempelin­i, kade kuyindlela nje yokudidisa umkhondo kube sengathi izilengisi­le.

UNkk Shezi uthe ufe olwembiza ngendodana yakhe efihlwa namhlanje, ebizimisel­e ngemfundo njengoba inhloso yayo bekungukut­hi ibe ngumphathi emaphoyise­ni.

Isolezwe libikile ngalolu daba izolo lapho kade kusolwa khona ukuthi lo mfundi uzibulele.

Ethintwa izolo okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, uthe basaphenya.

 ?? Isithombe: TUMI PAKKIES ?? UNKK Smangele Shezi owehluleke ukuzibamba, wadinda isililo ngenkathi ephethe isithombe sendodana yakhe, uNduduzo Shezi, osekuqubuk­e isidididi ngokushona kwakhe
Isithombe: TUMI PAKKIES UNKK Smangele Shezi owehluleke ukuzibamba, wadinda isililo ngenkathi ephethe isithombe sendodana yakhe, uNduduzo Shezi, osekuqubuk­e isidididi ngokushona kwakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa