Isolezwe

UPandor ufuna umbiko ngophenyo lwezimali

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, useyalele umkhandlu olawula iNyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye, ukuthi umnike umbiko ngophenyo oluthinta izimali ngoSepthem­ba.

Okhulumela uNkk Pandor, uMnuz Lunga Ngqengelel­e, uthe bakhathaze­kile ngezinto abazizwayo ngenyuvesi.

Uthe ezinye zazo zithinta ukuqashwa kukathisha­nhloko wesikhungo, uSolwazi Xoliswa Mtose, ukudliwa kwemali okuthiwa yafakwa kwamanye ama-akhawunti ezikhulu zenyuvesi.

“Sifuna kudalulwe namagama abo bonke abathintek­ayo kulo mkhonyovu. Umkhonyovu ufaka u-R11.5 million okuthiwa wafakwa kuma-akhawunti ezikhulu eziphezulu. Sifuna kuphenywe nendaba yokudayisw­a kweziqu,” kusho uNgqengele­le.

UNgqengele­le uthe ngesikhath­i bephendula umbuzo we-EFF ePhalamend­e bakuvezile ukuthi bafuna ukwazi ngazo zonke izinsolo ezivelayo ngenyuvesi nobuqiniso bazo.

Uthe bathola ulwazi oluthinta izehlakalo eziyisikho­mbisa zenkohlaka­lo kule nyuvesi.

“UNgqongqos­he ufuna ukuthi uma esengenele­la kungabi nokungabaz­a. Uma sifuna ukufaka imali kulokhu, kukhalwa ngokuthi izodliwa yingakho sifuna kuphenywe, kuvezwe labo abathintek­ayo,” kuqhuba uNgqengele­le.

Uthe kunesikhal­o ngokuqokwa kwabameli benyuvesi nendaba yokugqoza kohlelo lokwakhiwa kwamanye amabhilidi enyuvesi.

“Odabeni lweziqu kunezinsol­o zokuthi zadayiselw­a abafundi kokunye bekushints­hwa amamaki ukuze izitshuden­i zikwazi kungena enyuvesi ekubeni zingahlang­abezani nemibandel­a ethinta amamaki.”

UNgqengele­le uthe kube nezikhalo ngokwakhiw­a kwezindlu nokuthengw­a komhlaba okuthiwa kwadla uR19 million endaweni yomntakaba­ni. Lezi zindlu kuthiwa zathengelw­a izikhulu zenyuvesi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa