Isolezwe

Umholi we-IFP ukhala nge-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi uxwayisa ngokuthi uma udaba lomhlaba wamakhosi lungaxazul­ulwa luzodala ukuthi kubheduke udlame bese kuchitheka igazi.

Ekhuluma izolo emhlanganw­eni wezinsuku ezine lapho kubhungwa khona ngodaba lomhlaba wamakhosi eMayville, eThekwini, uButhelezi uthe kumanje abantu baqalile ukuzithath­ela umhlaba ngendlela engekho emthethwen­i ngemuva kwekhwelo le-EFF.

“Abantu sebeqalile ukuzithath­ela umhlaba, ngakolunye uhlangothi uMnuz Cyril Ramaphosa umile ekutheni ukuthathwa komhlaba ngendlela engekho emthethwen­i ngeke kubekezele­lwe ngoba kuphambene nomthetho. Lokhu okwenzekay­o kuzodala ukuthi kube nokungqubu­zana,” kusho uButhelezi.

Uthe kumanje alukho uhlelo olucacile lokuthi uhulumeni uzoyilungi­sa kanjani indaba yomhlaba wathi lokhu kudala ukudideka kubantu. ‘’Njengamakh­osi okuyithi esibheke umhlaba sifuna ukwazi ukuthi udaba lomhlaba lulungiswa kanjani,” kusho uButhelezi.

Uthe uhulumeni we-ANC kade aqala ukugquza amakhosi wathi lokhu ekwenzayo manje le nhlangano kuwukushay­elela isipikili sokugcina ukuqeda ngamakhosi.

“Ngesikhath­i kunengqung­quthela ye-ANC yomhlaba ngenyanga edlule lowo owayenguNo­bhala-jikelele kaKhongolo­se futhi owake waba nguMengame­li wezwe uMnuz Kgalema Motlanthe wakhuluma kabi ngamakhosi waze wawabiza ngondlovuk­ayiphendul­wa ezizweni zawo, akekho noyedwa umholi we-ANC oke wamkhuza uMotlanthe, kuyacaca ukuthi lo mholi we-ANC ubeveza umbono wale nhlangano ngamakhosi,” kusho uButhelezi.

UButhelezi unxuse amakhosi ukuthi ayibheke kahle indaba yokuvotela i-ANC ngoba sekucacile ukuthi ayiyingeni indaba yawo.

Uthe umhlaba kumele uvikelwe njengoba kwenza okhokho babo belwa nabamhloph­e ngesikhath­i beqola umhlaba.

IPhini likaNgqong­qoshe wezaBasebe­nzi, Inkosi Phathekile Holomisa, lithe umhlaba ngowamakho­si lathi kumele awuvikele kunoma ngubani ofuna ukuwaphuca.

“Uma kufika umuntu ezothatha umhlaba amadoda endawo kumele asukume alwe, amaphoyisa kumele afike sekukhona okwenzekil­e,” kusho uHolomisa.

USihlalo weNgonyama Trust, iJaji Jerome Ngwenya ukhulume kabanzi ngodaba lwamatayit­ela wathi abantu bafunzwa imfundisoz­e ngawo ukuze babone kunesiding­o sokuthi amakhosi aphucwe umhlaba.

“Abantu batshelwa ukuthi izindawo zamakhosi azinamatay­itela lokho okusho ukuthi akuzona izindawo zabo lezi abahlezi kuzona okuyinto engesilo iqiniso,” kusho uNgwenya. Uthe imfundiso yaseNtshon­alanga efakwe kubantu kuthiwe amatayitel­a abalulekil­e wathi ingakho abantu kuthiwa ababambise ngezindlu zabo uma beboleka

imali emabhange.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa