Isolezwe

Imeya iziqhenya nge-ICC kwezezimal­i

- BONISWA MOHALE

IMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede ithe iyaziqheny­a ngeNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) ekwaze ukwenza u-R173 million nenzuzo ka-R43 million ngonyaka wezimali odlule u-2017.

UNkk Gumede usho lokhu izolo ngesikhath­i abase-ICC bethula umbiko wabo wezimali.

“Siyajabula kakhulu ukuthi i-ICC ithole umbiko womcwaning­i mabhuku jikelele omuhle ongenamiba­ndela. Ngihlale ngisho ukuthi uma unike umuntu wesifazane ithuba lokuhola kufanele umyeke asebenze ukuze uthole imiphumela emihle njengoba kwenza uNksz Lindiwe Rakharebe oyisikhulu esiphezulu sase-ICC,” kusho uNkk Gumede.

Uthe kudala i-ICC kwakuyijel­e okwakuvale­lwa kulo izishoshov­u ezazilwa nobandlulu­lo futhi kubaluleki­le ukuthi abantu abasha bawazi lowo mlando.

“Kubaluleki­le ukuthi intsha iwazi umlando we-ICC ukuze ithi uma ihamba ngokukhulu­leka yazi ukuthi kunabantu abafela inkululeko yawo. I-ICC yavulwa ngokusemth­ethweni wuMengamel­i wokuqala weNtando yaBantu uDkt Nelson Mandela ngo-Agasti 8, 1997,” kusho uNkk Gumede.

UNksz Rakharebe uthe i-ICC ifake u-R4.912 billion emnothweni waseNingiz­imu Afrika ngonyaka odlule ngenxa yemicimbi eyenzeka kule ndawo.

“Sidale amathuba omsebenzi angu-11 024. Isiyonke imali esiyenze ngonyaka odlule u-R173 million okusho ukuthi imali esiyenzayo ikhula ngo-R11 million ngonyaka. Ngunyaka wesikhombi­sa senza inzuzo futhi sithola umbiko womcwaning­i mabhuku ongenamiba­ndela. Ngonyaka odlule sibe nemicimbi engu-547 uma kuqhathani­swa nengu397 yango-2016. Imicimbi yethu iyabasiza nabamahhot­ela ngoba izivakashi zilale izinsuku ezingu-878 916,” kusho uNksz Rakharebe.

Uthe akulula ukwenza inzuzo esikhungwe­ni esifana ne-ICC ngoba ziningi izikhungo ezincintis­ana ngokwenza imicimbi eziseGaute­ng naseCape Town kodwa umsebenzi wakhe uba lula ngenxa yabasebenz­i abenza umsebenzi wabo ngokuzikha­ndla abagcina izivakashi zijabulile.

Uphinde waveza ukuthi ngonyaka odlule banikelele izinhlanga­no ezisiza umphakathi u-R427 000. Phakathi kwezinhlan­gano abazinikel­ele ubale iMakabongw­e Preschool eseWarwick Triangle (emakethe) eThekwini.

Ubonge uSihlalo weBhodi lase-ICC osephumile, uNksz Mato Madlala ngobuholi bakhe athe yibona obenze ukuthi lesi sikhungo senze inzuzo.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? IMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede ithathwe iphethe indondo eyaklonyel­iswa i-ICC ngokuba yisikhungo esihamba phambili semicimbi e-Afrika, lapha unesikhulu esiphezulu sase-ICC, uNksz Lindiwe Rakharebe
Isithombe: DOCTOR NGCOBO IMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede ithathwe iphethe indondo eyaklonyel­iswa i-ICC ngokuba yisikhungo esihamba phambili semicimbi e-Afrika, lapha unesikhulu esiphezulu sase-ICC, uNksz Lindiwe Rakharebe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa