Isolezwe

UMaradona usola iwayini ngokugula isigubhuka­ne

- INTATHELI YESOLEZWE

USOLA iwayini elimhlophe uDiego Maradona (osesithomb­eni) obizelwe udokotela ngemuva komdlalo we-Argentina neNigeria kwiFifa World Cup, izolo ebusuku.

UMaradona owanqobela i-Argentina amaWorld Cup amabili izolo ubelokhu evele njalo kuthelevis­hini njengomuny­e wabalandel­i bokuqina bezwe lakhe ebelidinga ukushaya iNigeria ukuze lidlulele esigabeni samaqembu angu-16 asazoqhube­ka adlale.

Ngesikhath­i ukaputeni we-Argentina uLionel Messi ebhakuzisa inethi ngomzuzu ka-14, uMaradona ubonakale egxuma efa injabulo nalabo abehlezi nabo.

Ngesiwombe sesibili kulo mdlalo iNigeria ibuyiswe uVictor Moses ngephenath­i ngaphambi kokuthi i-Argengtina inqobe ngegoli likaMarcus Rojo.

Kuphela umdlalo uMaradona uhlulekile ukuzibamba ejabula kangangoku­ba kuze kwadingeka ukuthi abizelwe udokotela ukuthi azohlaziya isimo sakhe sempilo njengoba bese kusolwa ukuthi uhlaselwa isifo senhliziyo.

Imibiko izolo ebusuku iveze ukuthi le nkakha iphuthunyi­swe esibhedlel­a kodwa namhlanje ekuseni uvuke wayichitha leyo mbiko.

Uthe udokotela ubheke isimo sakhe ngesikhath­i kuphela isiwombe sokuqala wamcela ukuthi abuyele ekhaya.

“Ngifuna ukwazisa wonke umuntu ukuthi ngiyaphila. Ngesikhath­i kuphela isiwombe sokuqala sidlala neNigeria intamo yami ibibuhlung­u kakhulu ... isimo sami sabhekwa udokotela ongicele ukuthi ngibuyele ekhaya ngaphambi kokuthi kuqale isiwombe sesibili kodwa bengifuna ukuhlala ngenxa yokubalule­ka komdlalo. Bengizoham­ba kanjani? Ngiyabonga ngokwesekw­a esengikuth­olile kulesi simo,” kusho uMaradona.

Njengoba bese kuvela nemibiko yokuthi umelwe yinhliziyo, uMaradona uthe empeleni isimo abekuso sidalwe ukuphuza iwayini ngokweqile.

“Indawo ebesihlezi kuyo ibisihlinz­eka ngewayini elimhlophe kuphela. Yebo, siliphuze lonke,” kusho uMaradona.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa