Isolezwe

Umphakathi umashele ababoshelw­e udlame

- ZANELE MTHETHWA

UMPHAKATHI waseBhamba­yi, eNanda, umashele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma izolo ufuna ukuyozwa ngababoshw­e ngoLwesibi­li, emva kombhikish­o okudubulek­e kuwo iphoyisa likaMasipa­la weTheku.

Lama lungu omphakathi akhala ngokubanji­swa udonga ngokwakhel­wa izindlu, abelindele ukuthi bazovela izolo abasolwa ababili abamatanis­wa nodlame embhikishw­eni.

UNkk Blessing Nyuswa, ohola ikomiti lomphakath­i, uthe izolo baphume ngobuningi ukuya enkantolo ngoba bebazi ukuthi abasolwa kumele babingelel­e inkantolo.

“Sithole ukuthi bazovela, saxakeka ukuthi bagqunyelw­eni esitokisin­i? Sidlulele esiteshini samaphoyis­a eMtshebeni ukuyozwa kumphathi-siteshi ukuthi kwenzekani ngabalinga­ni bethu ababoshiwe,” echaza.

Uthe okunye okubacasul­ile ukuthi ababoshiwe bathathwe ezindlini bengekho emgwaqweni. Uphikile ukuthi umbhikisho wabo ubunodlame, wagcizelel­a ukuthi uma sekufike amaphoyisa bathobela wona. “Ngeke singene kweyokudut­shulwa kwephoyisa ngoba isenkantol­o kodwa engikwaziy­o ukuthi asiziphath­i izibhamu uma sibhikisha. Kade sakuqala ukubhikish­a futhi umphakathi wethu ufundiseki­le,” kusho uNkk Nyuswa.

Mayelana nezikhalo zomphakath­i, uthe kusukela ngo-2013 bathenjisw­a ukuthi kuzokwakhi­wa izindlu. Uthe bebelindel­e ukuthi uhlelo lokwakhiwa luqale ngoFebhuwa­ri nonyaka kodwa sekukhonjw­a unyaka ozayo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uLtColonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuboshwa kwabasolwa abaneminya­ka engu- 23 no-32. Uthe baboshelwe ukudala udlame emphakathi­ni, bazovela maduze enkantolo.

Iphoyisa ebeliyingx­enye yatshalwe ukulawula umbhikisho elidutshul­we entanyeni, lisesibhed­lela.

UMnuz Mandla Nsele okhulumela uMasipala, uthe bazobonisa­na namakomiti omphakathi ukuxazulul­a isimo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa