Izinkampani ezincane ziqolwa kakhulu kunezinkulu
UNGOTI osiza osomabhizinisi abaqoliwe, uMnuz Christo Snyman, uthi amaqola ahlasela kakhulu osomabhizinisi abancane kunabakhulu.
Uveze ukuthi umbiko we-Association of Certified Fraud Examiners (ACFE) uveza ukuthi izinkampani ezinabasebenzi abangaphansi kuka-100 zike ziqolwe u-R2.7 million.
USynman uyiNational Director kwaForensics enkampanini yezimali, iMazars, uthe osomabhizinisi abancane kuyenzeka baphoqeleke ukuvala izinkampani zabo, uma beke baqolwa ngenxa yokuthi abenzi imali eningi uma beqhathaniswa nabakhulu.
“Kuvela ukuthi amaqola eba oR2.7 million ezinkampanini ezincane kodwa kwezinkulu kuye kwebiwe oR1.4 million. Ezinkampanini ezinkulu bayakwazi ukuba nezinsiza ezivimbela ukuqolwa ngoba sithola ukuthi u-25% wamacala okukhwabanisa enzeka uma kukhona ongawenzanga kahle umsebenzi. Izigameko zokuqolwa kwamabhizinisi amancane ziku-42% okubalwa kuzo ukuhanjiswa kwemali kwi-internet,” kusho uSnyman.
Uthe ukungabikho kwezinsiza zokuvimba ukukhwabanisa nokuqolwa ezinkampanini ezincane yikona okwenza amaqola adlalele kuzo.
Uveze ukuthi umbiko we-ACFE uthole ukuthi amaqola ebezitamuzela imali yezinkampani izinyanga ezingu-16.
“Kuvela ukuthi izinkampani zithole ukuthi ziyaqolwa emuva kokugqugquzela abantu ukuthi bampimpe ngenkohlakalo. Ezinkampanini ezincane ezinolayini wokubika inkohlakalo kuvela ukuthi kulahleke u-50% wemali ngenxa yenkohlakalo,” kusho uSnyman.
Uthe abasebenzi bezinkampani bayagqugquzeleka ukuthi babike inkohlakalo uma inkampani ibavumela ukuthi bafihle imininingwane yabo.
“Umbiko uveza ukuthi izikhulu zezinkampani okubalwa abaqondisi nabanye abanezikhundla, kulula ukuthi zikhwabanise. Abasebenzi abaphatha imali kufanele baqinise nezinsiza zokuvimbela ukuqolwa.
Izinkampani kufanele ziqaphele uma sekukhona abasebenzi abaphila impilo edlula imiholo yabo. Zibagade nabanezikweletu ezidlula imiholo yabo, zibasize ukuze bangalingeki,” kusho uSnyman.