Umnyango nezinhlelo zokuvikela abafundi
SESIPHINDE salulwa isikhathi sokuthi umphakathi ulethe ukuphawula kwawo mayelana nomgomo othinta ukufundisa abafundi ngokukhishwa kwezisu kanjalo nezindlela zokuvikela ukuthi bakhulelwe.
Izolo umnyango wemfundo eyisiSekelo umemezele ukuthi kuzovalwa ngenyanga ezayo uJulayi 30, ukulethwa kwalezi ziphakamiso ngalo mgomo.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bakuhlehlisele inyanga ezayo ukulethwa kwalezi ziphakamiso njengoba bakhiphela umphakathi ukuthi uphawule ngale migomo ekuqaleni konyaka.
“Umnyango ulule isikhathi sokuthi kulethwe ukuphawula okubhalwe phansi mayelana nokuvikela ukukhulelwa kwabafundi ezikoleni. Inhloso ukuthi sifuna ukwehlisa isibalo esiphezulu sabafundi abakhulelwa ezikoleni minyaka yonke nasezweni,” kusho uMhlanga.
Minyaka yonke babalelwa ku-15 000 abafundi abakhulelwayo ezikoleni kanti uhulumeni ufuna ukubafundisa ngamaphilisi abangawasebenzisa uma kade beya ocansini ngayizolo.Bazofundiswa ngendaba ethinta ukuzikhethela uma befuna ukuhushula izisu.
Enye yezinto equkethwe yile migomo ukuthi abafundi kumele bavunyelwe ukubuyela ezikoleni uma beqeda ukubeletha. Akuvumelekile nokuthi baxoshwe ngoba bekhulelwe.
Umnyango wezempilo uzosebenzisana nowezemfundo ukuze uhlinzeke ngezinto zokuvikela ukukhulelwa kwabafundi.
UNobhala jikelele weNational Association of School Governing Bodies (NASGB) uMnuz Matakanye Matakanye, uthe bayakweseka ukufundisa ngocansi kodwa banenkinga ngendaba yokuhushulwa kwezisu.
Uthe abazali abanawo amandla wathi ngokwabo ngabe bathi umfundi akye ocansini uma esekulungele.
UMhlanga uthe izibalo zanyakenye bazozikhipha kulo nyaka.
Uthe abafuna ukuphawula bangabhalela umnyango bathumele i-email ku: pregnancypolicy@dbe.gov.za noma nge-fax ku:012 328 8401.
Uyacelwa ukuba ubhale igama, ikheli, inombolo yocingo i-email address kanjalo nenkampani osuka kuyona uma uletha lezi ziphakamiso.