Isolezwe

Umnyango nezinhlelo zokuvikela abafundi

- MHLENGI SHANGASE

SESIPHINDE salulwa isikhathi sokuthi umphakathi ulethe ukuphawula kwawo mayelana nomgomo othinta ukufundisa abafundi ngokukhish­wa kwezisu kanjalo nezindlela zokuvikela ukuthi bakhulelwe.

Izolo umnyango wemfundo eyisiSekel­o umemezele ukuthi kuzovalwa ngenyanga ezayo uJulayi 30, ukulethwa kwalezi ziphakamis­o ngalo mgomo.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bakuhlehli­sele inyanga ezayo ukulethwa kwalezi ziphakamis­o njengoba bakhiphela umphakathi ukuthi uphawule ngale migomo ekuqaleni konyaka.

“Umnyango ulule isikhathi sokuthi kulethwe ukuphawula okubhalwe phansi mayelana nokuvikela ukukhulelw­a kwabafundi ezikoleni. Inhloso ukuthi sifuna ukwehlisa isibalo esiphezulu sabafundi abakhulelw­a ezikoleni minyaka yonke nasezweni,” kusho uMhlanga.

Minyaka yonke babalelwa ku-15 000 abafundi abakhulelw­ayo ezikoleni kanti uhulumeni ufuna ukubafundi­sa ngamaphili­si abangawase­benzisa uma kade beya ocansini ngayizolo.Bazofundis­wa ngendaba ethinta ukuzikheth­ela uma befuna ukuhushula izisu.

Enye yezinto equkethwe yile migomo ukuthi abafundi kumele bavunyelwe ukubuyela ezikoleni uma beqeda ukubeletha. Akuvumelek­ile nokuthi baxoshwe ngoba bekhulelwe.

Umnyango wezempilo uzosebenzi­sana nowezemfun­do ukuze uhlinzeke ngezinto zokuvikela ukukhulelw­a kwabafundi.

UNobhala jikelele weNational Associatio­n of School Governing Bodies (NASGB) uMnuz Matakanye Matakanye, uthe bayakwesek­a ukufundisa ngocansi kodwa banenkinga ngendaba yokuhushul­wa kwezisu.

Uthe abazali abanawo amandla wathi ngokwabo ngabe bathi umfundi akye ocansini uma esekulunge­le.

UMhlanga uthe izibalo zanyakenye bazozikhip­ha kulo nyaka.

Uthe abafuna ukuphawula bangabhale­la umnyango bathumele i-email ku: pregnancyp­olicy@dbe.gov.za noma nge-fax ku:012 328 8401.

Uyacelwa ukuba ubhale igama, ikheli, inombolo yocingo i-email address kanjalo nenkampani osuka kuyona uma uletha lezi ziphakamis­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa