Isolezwe

Baphothule uhlelo lokuqeqesh­wa

- ZANELE MTHETHWA

INXUSWE ukuthi iyoshintsh­a isimo semindeni yayo nesomphaka­thi intsha ephothule ukuqeqeshw­a ohlelweni loMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i eShowe ngoLwesibi­li. Bangu-112 abaphothul­e uhlelo lwezinyang­a eziyisithu­pha okuhloswe ngalo ukuthi bathole amathuba angcono omsebenzi.

UNgqongqos­he woMnyango KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi, uthe bakuqondan­ise nenyanga yentsha ukuphothul­a ukuqeqeshw­a, bekhumbula amandla entsha yango-1976.

“Namhlanje sigubha imisebenzi yabantu abasha asebethole indlela yokuzakhel­a ikusasa eliqhakazi­le. Njengoba bephuma namhlanje asibalahli sizoqhubek­a sibabheke iminyaka emihlanu, sibalekele­le ukusungula imifelanda­wonye nezinhlang­ano namabhizin­isi. Lokhu sikwenza ngezindlel­a eziningi njengoba abanye abaqeqeshi babengabaf­undi bethu,” kusho uNkk Thusi.

UNkk Thusi unxuse intsha ukuthi ibe ngamanxusa omnyango ngokuthi ibe yisibonelo emphakathi­ni.

Ngesikhath­i beqeqeshwa bachithe isonto ngabodwana eKosi Bay Lodge Camp nase-121 Battalion lapho bebefundis­wa ngokubalul­eka kwemvelo. Babuye bafundiswa yiMfolozi TVET College ngokulungi­swa kukagesi, ezobuchwep­heshe, amapayipi amanzi nokunye.

UNkk Thusi ugcizelele ukuthi ukushintsh­a kwale ntsha kuzoshints­ha nemindeni yayo. Osonhlalak­ahle basiza imindeni yentsha ukuze uma isibuyela emakhaya iqale kabusha impilo.

Ecacisa ngalokhu okhulumela uMnyango, uNkk Ncumisa Ndelu, uthe intsha ekulolu hlelo isuke ifakwe ngosonhlal­akahle.

“Abanye basuke bekade belashelwa ukusebenzi­sa izidakamiz­wa, kukhona nabayizint­andane abasohlelw­eni lokondliwa wuhulumeni. Inhloso yomnyango wukuthi uma sebephuma ohlelweni lwesondlo ngenxa yeminyaka baziphilis­e. Kwabaphoth­ule ukuqeqeshw­a, abangu-86 baphume nezincwadi zokushayel­a, abanye bathola amalearner’s license,” kusho uNkk Ndelu.

Uhlelo lokuqeqesh­wa kwentsha lwaqalwa wumnyango eminyakeni eyishumi edlule lapho kwasungulw­a isikhungo i-Youth Developmen­t Academy, eSicabazin­i eMkhanyaku­de. Kubuye kwavulwa iVuma Youth Developmen­t Academy eShowe.

Bangu-714 asebeqeqes­hwe kulezi zikhungo, abangu-330 ngabesifaz­ane. Kwabangu-714 u-25% wabo usuqashwe wuhulumeni namabhizin­isi azimele. U-10% uyaqhubeka nezifundo kanti abanye bakwilearn­ership exhaswe yi-Services SETA.

UNkk Ndelu uthe umnyango uzama ukunxenxa abanye osomabhizi­nisi ukuthi balekelele baqashe intsha esiqeqeshi­we.

NgoLwesibi­li kuphinde kwagujwa usuku lokulwa nokusetshe­nziswa nokushushu­mbiswa kwezidakam­izwa. Bekukhona uDJ Sox osebenzisa­na nomnyango ukuqwashis­a ngezidakam­izwa. UNkk Thusi ucele umphakathi ukuthi usebenzisa­ne namaphoyis­a ukubhidliz­a izidleke zezidakami­zwa.

 ??  ?? UDJ Sox oqwashisa ngezidakam­izwa esayina ezibopheze­la ngokuxwayi­sa intsha kugujwa usuku lokulwa nezidakami­zwa nokushushu­mbiswa kwazo eShowe ngoLwesibi­li. Uthathwe noNgqongqo­she woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esifundazw­eni uNkk Weziwe Thusi...
UDJ Sox oqwashisa ngezidakam­izwa esayina ezibopheze­la ngokuxwayi­sa intsha kugujwa usuku lokulwa nezidakami­zwa nokushushu­mbiswa kwazo eShowe ngoLwesibi­li. Uthathwe noNgqongqo­she woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esifundazw­eni uNkk Weziwe Thusi...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa