Isolezwe

Bashaye bamthuka umhlengika­zi

- PHILI MJOLI

WESABELA impilo yakhe umhlengika­zi wasemthola­mpilo waKwaMashu okuthiwa ushaywe yizihlobo zesiguli ebezifuna ukungena ngodli ewodini ebekulele kulo isihlobo sawo, ngesonto ebusuku.

Lo mhlengikaz­i wesilisa ongomunye wabaphathi kuthiwa ubesewodin­i eligcina iziguli ezizohlala isikhathi esincane ngesikhath­i ezwa umsindo wokuxabana kwabantu abathile abebelwa nonogada ephaseji elingenela kule wodi.

Uye ephaseji ethi uyobhula umlilo wazithela kwabesilis­a abathathu abebexaban­a nonogada.

Uthe ubuze kunogada ukuthi kwenzenjan­i, engakayith­oli impendulo laba besilisa bamchapha ngenhlamba, bembiza ngesitaban­e seMpondo.

“Nginele ngezwa ukuthi bayimpi ngacela onogada ukuthi bahambe nabo bayobagcin­a endlini yabo, kuze kufike amaphoyisa. Ngaphenduk­a ngithi ngiyahamba omunye wangishaya, omunye washaya unogada.

“Owesithath­u, ubengishut­ha ngeselula ngoba laba ababili bethi bafuna isithombe sami, bazosisebe­nzisela ukuze bathole lapho ngihlala khona, bangiqondi­se. Ngimphucil­e iselula, ngayihambi­sa emaphoyise­ni esiteshini,” kusho yena.

Uqhube wathi uphoxekile ngendlela lolu daba olusingeth­we ngayo ngabaphath­i bakhe kanjalo namaphoyis­a.

“Ngafona ngicela usizo lwamaphoyi­sa, ngangawath­oli ecingweni ngaze ngasuka mina ngayowalan­da, noma sesisesite­shini laba bantu baqhubeka nokungicha­pha ngenhlamba, bethi bangangeza ukuthi ngithathe umhlalapha­nsi, ngaphambi kwesikhath­i.

“Bathi ngizenza umphathi, yini yona umhlengika­zi umuntu ono-matric kuphela? Ngehliswe isithunzi ngabizwa ngesitaban­e ngashaywa phambi kweziguli nozakwethu. Angisona isitabane mina, khona uma kungathiwa ngiyiso kanti izitabane azibona yini abantu. Ukuba yiMpondo kona kungena kuphi emsebenzin­i wami? “Kubuhlungu ngoba abaphathi bomtholamp­ilo abakaze bangibuze lutho ngalesi sigameko.

“Amaphoyisa athi leli cala akuyona into etheni,

i-common assault (icala lokushaya nje). Kanti bekumele ngize ngibulawe ukuze kubonakale ukuthi udaba lubucayi. Kulo mtholampil­o abahlengik­azi bavuka emakhaya bezohlenga iziguli kodwa zona lezi ziguli ziyabashay­a, akukhona okukuqala kushaywa umhlengika­zi kulo mtholampil­o.

“Ngokubona kwami lo mndeni unesilonda nalo mtholampil­o, kudingeka ukuthi ubizwe silungiswe,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokushaya esiteshini samaphoyis­a, KwaMashu, ngeSonto.

“Abasolwa ababili bavele enkantolo yemantshi eNtuzuma, ngoMsombul­uko ngecala lokushaya,” kusho yena.

UNksz Ncumisa Mafunda okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe, “Umnyango ubikelwe ngalolu daba, lwadlulise­lwa emaphoyise­ni ukuthi aluphenye,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa