Isolezwe

Sizifisela inhlanhla izikhulu ezintsha eziqashwe yiSABC

-

I-SABC inesikhulu esiphezulu esisha nomphathi wezimali omkhulu omusha. UMnuz Madoda Mxakwe uzoqala umsebenzi wokuba yisikhulu esiphezulu ngenyanga ezayo kanti uNkk Yolande van Biljon ophethe ezezimali uqale ngoMsombul­uko.

Kukhona nezinye izikhundla ezimqoka le nhlangano yokusakaze­la umphakathi esizigcwal­isile nokuyinto encomekayo njengoba kubonakala kuhambisan­a nesethembi­so sikaMengam­eli Cyril Ramaphosa sokukhucul­ula ezinkampan­ini zikahulume­ni.

I-SABC imqoka eNingizimu Afrika ngenxa yomsebenzi wayo njengoba ifinyelela ezigidini zabantu ngemisakaz­o yayo kodwa futhi nangenxa yokuthi iwumthwalo kubakhokhi bentela kuleli.

Uma ingaphethw­e ngendlela efanele ingagcina isiyijoka ngoba ngabe isidinga ukulokhu itakulwa njengoba kwake kwenzeka phambilini.

Enye ingozi ehlale ikhona nge-SABC wukuthi izithole isingene kwipolitik­i yezinhlang­othi ekhungethe inhlangano ebusayo, into esike yenzeka ngesikhath­i izwe liphethwe uMnuz PW Botha noMnuz Jacob Zuma.

Siyazi ukuthi akulula ukuphatha iSABC ngenxa yokuthi kuhlale kunabantu abangaphan­dle kwayo abafuna ukulawula ukuthi izinto zenzeka kanjani - abasuke bephethe befuna ukubambele­la embusweni ngayo yonke indlela - abanye abasuke befuna ukuketula abaphethe ukuze kungene bona.

Izinto zike zahamba kahle kule nhlangano ngesikhath­i kusanda kuqala uhulumeni wentando yabantu kodwa eminyakeni embalwa emva kwalokho zibhede unomphelo nokunyukel­e kwelinye izinga sekuphethe uMnuz Hlaudi Motsoeneng ovele waphendula iSABC kwamachanc­a.

Kubikwe kakhulu ngemigilin­gwane kaMotsoene­ng emoshele le nhlangano imali futhi wayehlisa isithunzi iphula imigomo iSABC eyasungule­lwa yona.

I-SABC idinga ukuqashwa ngeso lokhozi ngoba ngale kwalokho ngeke iwenze ngendlela umsebenzi wokusakaze­la umphakathi.

Sizifisela inhlanhla izikhulu ezintsha, siyathemba zizothembe­ka emsebenzin­i nakubantu baseNingiz­imu Afrika. Siyethemba osopolitik­i, ikakhuluka­zi abe-ANC, bazoziyeka zenze umsebenzi wazo ngaphandle kokugxambu­kela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa