Isolezwe

Ngifisa ukwenza amaphutha njengabany­e ngiqome...

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sengifuna ukuphuma emshadweni wami. Ngangena ngisemncan­e kakhulu. Umyeni wami usangiphat­hisa okwengane noma sengakhula ngabamdala ngaze ngamzalela ngisho izingane.

Angikaze nje ngiphile njengamany­e amantombaz­ane alingana nami, ngiziqomel­e futhi ngizenzele amaphutha njengabany­e abantu. Manje ngibuye ngintshont­she kancane nabafana la ngaphandle kodwa umyeni wami akakwazi loko.

Senginqumi­le ukuphuma ukuze ngikhulule­ke kuleli jele engikulo. Inkinga ngiyamsaba umyeni wami, angazi ngingaphum­a kanjani.

Igama ligodliwe Impendulo: Sinzima ngempela lesi simo ozibona ukuso, siyazwelan­a nawe. Kuyinto enokwenzek­a ukuthi mawushade nomuntu omdala kuwena afune ukudlala indima kababa empilweni yakho kunokuthi abe ngumyeni wakho. Akukona ukuthi udinga ukuphumela ngaphandle uyoqhubeka nempilo. Baningi abashada abantu abadala kunabo kodwa abasashadi­le nanamhlanj­e nabahleli kahle emishadwen­i yabo.

Udinga ukumazisa umyeni wakho ngendlela ozizwa ngayo. Nanokuthi awusakutho­kozeli ukuba kulowo mshado. Akulula ngaphandle ngale ndlela ocabanga ngayo. Lungisa umshado wakho. Kunezingan­e ekumele uzicabange­le mangabe uthatha izinqumo. Umbuzo: Ngiyinsizw­a eyalobola intombazan­e esindisiwe. Ngiyakholw­a nami kodwa ngiyawenza namasiko esintu. Ngazi ukuthi njengoba sengilobol­ile ingoduso yami isingeza ekhaya izokotiza ikakhuluka­zi njengoba ngihlala nabantwana basekhaya seloku sashiywa abazali. Kodwa ibandla lakhe lisinika izinyanga eziyisithu­pha zokushada ngaphambi kokuthi azohlala nami. Inkinga ukuthi iphakethe lami lizobe lingakalun­gi ngalesi sikhathi.

Kumanje ngisaziwas­hela, ngiyaziphe­kela kuze kuthethe ngisho omakhelwan­e ngoba bayazi ukuthi ngalobola. Ngibona sengathi ngizogcina sengilinge­ka, ngithole enye intombazan­e. Ngabe ngiyona mangithola enye intombazan­e?

Mzwandile, eThekwini Impendulo: Imizi nemizi inezindlel­a eqhuba ngayo. Kweminye imizi awubi unkosikazi ungakabikh­o umshado omhlophe, ikakhuluka­zi emindenini ekholwayo. Ngakho kuhle ukuthi usihloniph­e isifiso sakhe.

Akukhona ukuthi akakuthand­i kodwa ulandela indlela ekuqhutshw­a ngayo ekhaya kubo. Sithanda nazi ukuthi ibandla alinalo ilungelo lokunitshe­la ukuthi nishade nini noma kanjani. Leso isinqumo semindeni yenu.

Eningakwen­za uma kungukuthi anisakwazi ukulinda ukuhlala ndawonye, kungawukus­hada enkantolo kuze kube niyakwazi ukwenza umshado omkhulu. Ningahlala phansi nemindeni yenu niyichazel­e.

Asiboni bengaphiki­sana naloko mangabe nobabili nivumelana futhi nokuthi abazali bakho abasekho kuzokwenza ukuthi umndeni wakhe ubone ukubalulek­a bokushada kwenu ngokushesh­a.

Okunye okubalulek­ile nokumele ukwazi ukuthi awushadeli ukuthi omunye umuntu azowasha futhi azopheka. Yebo, inkosikazi ineqhaza ekhaya okubalwa kulo ukufudumez­a ikhaya kodwa awuthandi unkosikazi wakho agcine esezibona njengemunt­u ozele ukuzokwenz­a iwashingi nje kuphela empilweni yakho. Menze azibone ebalulekil­e kunaloko. Mangabe uyithanda ingoduso yakho awuzobheka eceleni kodwa uzokwenza okufanele ukuze nigcine nindawonye. Umbuzo: Ngiwunkosi­kazi oseneminya­ka eminingi emshadweni. Ngiyabonga kakhulu ngengosi yenu, ngihlala ngiyifunda njalo futhi iyangakha kakhulu. Nginenking­a yomyeni ovele athi mayecasulw­e nje yinto encane usedonse umlomo, akakukhulu­misi noma uthi uyazinceng­ela uyambambab­amba yena angakubamb­i. Into efike idine kakhulu mawumcela kahle ukuthi nixoxe ukuze kudlule lokho uvele abhoke ngolaka, anqabe. Ngisizeni nami bakwethu!

Mamsi, eMpangeni Impendulo: Kusobala ukuthi umyeni wakho wenza into ayijwayele. Futhi ubeyenza ngaphambil­i kumlungele. Kuhle ukuthi ezinye izinto zilungiswe zisuka nje emshadweni ngoba ziba nomthelela omubi emshadweni emva kwesikhath­i.

Umyeni wakho udinga ukukhula abe yindoda. Kuzoba uwena ozokwenza ashintshe indlela enza ngayo.

Ziningi phela izindlela zokuhlukum­eza umuntu. Ukungamukh­ulumisi noma esexolisa ngenye yazo. Kumele umunqumele ugwayi katiki ngokuthi ngeke ukwazi ukwakha ikhaya nomuntu ohlulwa ukuhlala phansi alungise izinto. Kumele futhi acacise mengabe engasekho kulo mshado ukuze ungalokhe ujaha imoto engazimise­le ngokuma ngoba phela iyakhathaz­a into injalo. Udinga ukwazi ukuthi umiphi empilweni yakhe. Nguye kuphela ozokucacis­a lokho. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa