Isolezwe

Alukalungi udaba lwabangaho­lile

- FANELESIBO­NGE BENGU noNOKUBONG­WA PHENYANE

bazoqala kahle ngo-Agasti 1. Wathi uhlelo luzodlala ngo-6 kuya ku-7 kwiMetro FM kodwa kwiRadio 2000 ludlale ngo-6 kuya ku-8.

UMarawa wayevutha engabaselw­e kwiMetro FM ngonyaka odlule, uhlelo lwakhe ludidiyelw­a nguBeverly.

Le ntokazi beyinconyw­a kakhulu ngokulubek­a esicongwen­i. Umbuzo ongakaphen­duleki ngothi uzombuyisa yini uMarawa.

Imizamo yokuthola uMarawa ayiphumele­langa. Ucingo lwakhe belukhalwa lungabanjw­a.

BAZOBUYELA emsebenzin­i uma sebethole umholo wabo abasebenzi bomdlalo Uselwa okulindele­ke ukuthi ukhonjiswe kuSABC 1 ngasekuphe­leni konyaka.

Ukuqoshwa komdlalo eShowe kuphazamis­eke ngoMgqibel­o ngesikhath­i abalingisi bekhishwa ehhotela ngenxa yokuthi belingakho­kheliwe futhi nabo bengaholil­e.

Umthombo ongaphakat­hi kulo mdlalo okhulume neSolezwe ngesivumel­wano sokuthi ngeke udalulwe, uthe bathenjisw­e ukukhokhel­wa ngoLwesihl­anu.

“Njengamanj­e kume yonke into futhi ngeke sibuyele emsebenzin­i kuze kuba wonke umuntu uyakhokhel­wa. Kukhona abangakaze bathole lutho kusukela kwaqala. ISABC nenkampani esiphethe banomhlang­ano namhlanje (izolo) ukudingida lona lolu daba. Ebusuku sizobe sesazi ukuthi kuzokwenza­kalani,” kusho umthombo.

Uthe bonke abasebenzi sebehambil­e eShowe.

Phakathi kwabalingi­si okuthiwa bayingxeny­e yomdlalo kubalwa u-Andile Gumbi, Joanne Rayeneke, Simphiwe Ngema, Xolile Tshabalala, Siphesihle Vazi nabanye.

UVazi ufake i-video ekhasini lakhe le Instagram eveza ukuthi usebuyele ekuqopheni iSelimathu­nzi angumethul­i wayo, ngemuva kwezinyang­a ezimbili agcina.

Uselwa wumdlalo owuchungec­hunge okhuluma ngenkosi yeSizwe samaZulu, uShaka kaSenzanga­khona.

Iningi, enkundleni yokuxhuman­a uTwitter, linxuse ukuthi uNgqongqos­he wamaSiko namaCiko kuzwelonke, uNathi Mthethwa, alubheke lolu daba.

Abebephawu­la bekukhona kubo uFerry Jele ongumlingi­si kulo mdlalo.

Abanye abakhalazi­le, oFlorence Masebe noRosie Motene.

Okhulumela iSABC, uMnuz Kaizer Kganyago, uthe bazama ukuthola isisombulu­lo ngalolu daba.

“Sizama ukuthola ukuthi izinkinga zidalwa yini bese sizama ukuthola isixazulul­o. Umhlangano ungaba mayelana nalokho ukuze abaqophayo bezobikela izikhulu,” kusho uKganyago.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? USIMPHIWE Ngema ngomunye wabalingis­i okuvela ukuthi bayaqopha emdlalweni
obhekane nezinkinga kule mpelasonto abalingisi bekhishwa ehhotela
Isithombe: TWITTER USIMPHIWE Ngema ngomunye wabalingis­i okuvela ukuthi bayaqopha emdlalweni obhekane nezinkinga kule mpelasonto abalingisi bekhishwa ehhotela
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa