Isolezwe

Uthando lwezolimo lumkhiphe ehhovisi

- PHILI MJOLI

UKWENZA amaphutha uma wenza into okokuqala kuvamisile kodwa kumele ufunde kuwo.

Lokhu kushiwo uNkk Gugu Mthembu ongumnikaz­i wepulazi elitshala iklabishi, ispinach nogreen beans, iShazini Farm, eseNorthda­le.

UNkk Mthembu uthi ngesikhath­i sesomiso wayesanda kulithenga ipulazi engakabi nolwazi olwanele lokuthi yini okumele ayibheke ngaphambi kokuthi atshale.

Uthe watshala kakhulu iklabishi engazi ukuthi abalimi bemikhiqiz­o efana nomoba uma kunesomiso bayashints­ha batshale imifino ngenxa yokuthi amanzi asuke engekho.

“Ipulazi ngilitheng­e ngo-2012 kanti bengingeye­na umlimi bengiseben­za ehhovisi, yize benginalo ulwazi lwebhizini­si kodwa bese ngingene emkhakheni ohlukile. Kwaphoqele­ka ukuthi iklabhishi ngilidayis­e ngoR2, ngoba beliyinsad­a,” kusho yena.

Ngaphambi kwalokho uthe iklabishi ubejwayele ukulidayis­a ngoR5 lilinye.

Njengamanj­e uNkk Mthembu uthi ukungena emkhakheni wezolimo kumfundise ukuthi ulwazi lwebhizini­si kuphela alwanele kodwa kuningi okumele akufunde ngokulima.

“Kumele ubenolwazi lokulima, olwezibula­li zinambuzan­e, ukuthola izimakethe, ungagcini lapho wazi ukuthi wenza kanjani ukuthi indawo okuyo ikusebenze­le. Ipulazi lami lisendawen­i engalali isithwathw­a lokho kuyangisiz­a ngoba ngitshala kuqala kunabanye abalimi . Ngokujwaye­lekile isikhathi sokuqala ukutshala ummbila u-Agasti kodwa mina ngawutshal­a ngoJulayi ngoba indawo iyavuma. Lokho kuyangiseb­enzela ngoba owami uvuthwa kuqala ngidayisel­e abanikazi bamaveni abadayisa ezitaladin­i emadolobhe­ni. Ngiba sethubeni eligcono lokudayisa umkhiqizo wami ngoba basuke bengebanin­gi abantu abasuke benommbila osulungile ngaleso sikhathi,” kusho yena.

Uthando lokuba umlimi lwamkhipha emahhovisi uNkk Mthembu owashiya umsebenzi wokuba yi-buyer kwa-Uniliver ngo2005.

Wayenzela ukuzinika isikhathi esenele sokuthi abheke ipulazi ayezolithe­ngelwa uhulumeni. Ngaleso sikhathi wawuzifune­la wena ipulazi ufike emnyangwen­i wezemhlaba usubatshel­a ukuthi ulitholile, likuphi futhi umnikazi walo uzimisele ukulidayis­a.

“Ngisaseben­za isikhathi bengingasi­tholi kahle, ngathatha isinqumo sokuthi ngisule emsebenzin­i,” kusho yena.

Ngaleso sikhathi uthe wayebheka ipulazi lomoba ngoba wayefuna ipulazi elikhulu, futhi wayenaye umuntu owayelima umoba ayesemthol­ile owayemsiza ngokumcath­ulisa kulo mkhakha.

Ngeshwa amapulazi amaningi kamoba, ngaleso sikhathi kwakunezic­elo zokuthi abuyiselwe kubantu ababesuswe emhlabeni akuwo.

“Ngangena ngiphuma emapulazin­i ngifuna umlimi odayisayo, ngingamtho­li. ,” kusho yena.

Ngaphambi kokuthi athole ipulazi wayesezame ukuthenga emapulazin­i angu-40, angu-20 awo amphunyuka esesayine izivumelwa­no zokuthenga, amasale agreements, uhulumeni wayethatha isikhathi eside ngaphambi kokuthi alithenge ipulazi kanti abanikazi bawo basuke sebejahile.

Angibange ngisaya emnyangwen­i wezemihlab­a ngoba umnikazi walo wayejahile ngalitheng­a ngemali engangiyit­hole emsebenzin­i, ngagcwalis­elwa umyeni wami,” echaza.

UNkk Mthembu okhulele eMbali ufike epulazini engakwazi ukutshala kodwa enothando lokuba sendaweni engenawo umsindo futhi enezitshal­o.

Umlimi athenga kuye ipulazi uthe wayemthemb­ise ukuthi uzomsiza ngokumcath­ulisa isikhathi esingangon­yaka kodwa wamsiza inyanga eyodwa

Umnyango wezemihlab­a wamsiza ngemali yokuthenga izinsiza kusebenza .

Umkhiziqo wakhe uwudayisel­a uFood Lovers, uSpar, abadayisi basezitala­dini, abadayisi bamaloli abadayisel­a abanye, omunye awudayise emakethe yezithelo nemifino eseThekwin­i neseMgungu­ndlovu.

Leli pulazi lingu-126 hectares kodwa u60 hectares okutshalek­ayo kuwo. Indawo engalinyiw­e ufuye kuyo izinkomo okungamaBo­ran, amaBrahman namaNguni.

 ?? ZUKISWA SOKHELA Isithombe: ?? UNKK Gugu Mthembu ongumnikaz­i wepulazi elitshala imifino okufuywe nezinkomo kulo iShazini Farm, eseNorthda­le
ZUKISWA SOKHELA Isithombe: UNKK Gugu Mthembu ongumnikaz­i wepulazi elitshala imifino okufuywe nezinkomo kulo iShazini Farm, eseNorthda­le
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa