Isolezwe

Uzocija abahweba ngophethro­li

- KWANDA NJOLI

UZOHLOMISA osomabhizi­nisi abancane ngamakhono azobasiza ukuze baphumelel­e emkhakheni kaphethrol­i usomabhizi­nisi osenenqwab­a yagamagara­ji kaphethrol­i.

UMnuz Sibonelo Mbatha uzokwenza lo msebenzi wokuhlomis­a osomabhizi­nisi abancane ngamakhono noMnuz Mark Harper abasungule naye inkundla yokucobele­lana ngolwazi ebizwa nge-PetroConne­ct Academy.

UMbatha uthe umqondo wokusungul­a iPetroConn­ect wamfikela emuva kokubona osomabhizi­nisi abancane abafika emkhakheni kaphethrol­i bewa.

“Inkundla yokuqala yokucobele­lana ngolwazi izoba ngoMgqibel­o Juni 30, eThe Station, ku-65 Masabalala Yengwa Avenue, eStamfordh­ill. Kungenwa ngoR650 umuntu oyedwa. Le mali ihlanganis­a isidlo sasemini, nebhuku lePetroCon­nect Fuel Retail Guide elizosiza osomabhizi­nisi,” kusho uMbatha.

Uthe uyathanda ukuthuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane ngoba kuningi abasuke bengakuqon­di ngesikhath­i besaqala.

“Sithole ukuthi baningi osomabhizi­nisi abancane ababa nezingqina­mba ezigcina zibaphoqa ukuthi bavale amabhizini­si abo. Sifuna bangene emkhakheni kaphethrol­i ngoba yiwona azobasiza ukufukula umnotho njengoba nerandi lintenga. Lo mkhakha udinga umuntu onolwazi olunzulu, ozokwazi ukumelana nezingqina­mba zakhona,” kusho uMbatha.

UMbatha uke wasebenza egaraji ethela uphethroli ezimotweni njengoba egcine esenamagar­aji akhe. UHarper uthe izinkundla zabo zePetroCon­nect zixhumanis­a osomabhizi­nisi abancane nomakadebo­na kulo mkhakha asebedlule kuzo zonke izingqinam­ba.

“Uma sikhuluma nosomabhiz­inisi abakulo mkhakha kaphethrol­i bavamise ukusitshel­a ukuthi bafisa sengathi kungaba nomuntu ozobacija. Yingakho sifuna ukuxoxisan­a nalabo abasanda kungena ukuze sibacije ngamakhono azobasiza, sibanike namasu okudlula ezivunguvu­ngwini esidlule kuzona. Bazokwazi ukuxoxa ngezingqin­amba ababhekana nazo nsukuzonke nokuthi bangadlula kanjani kuzona,” kusho uHarper.

UMbatha uthe naye akavelanga nje waphumelel­a kulo mkhakha kodwa kwakunaban­tu ayefunda kubona, ababemcija ngamakhono ukuze aphumelele.

Abafisa ukuba enkundleni yokucobele­lana ngolwazi kaMbatha bangavakas­hela i-website yePetroCon­nect ku-www. petroconne­ct.co.za/academy. Ukubhalisa kugcina ngoJuni 28.

 ??  ?? UMNUZ Sbonelo Mbatha onamagaraj­i kaphethrol­i ufuna ukudlulise­la ulwazi analo kubantu abasha abafuna ukungena kulo mkhakha Isithombe:SITHUNYELW­E
UMNUZ Sbonelo Mbatha onamagaraj­i kaphethrol­i ufuna ukudlulise­la ulwazi analo kubantu abasha abafuna ukungena kulo mkhakha Isithombe:SITHUNYELW­E
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa