Isolezwe

Umncintisw­ano ozoxhasa intsha

- BONISWA MOHALE

KUGQUGQUZE­LWE intsha efisa ukuba wosomabhiz­inisi ukuthi ingenele umncintisw­ano ozoyixhasa ngemali yokuqala amabhizini­si ayo, obizwa ngeBusines­s Partners Limited / SME Toolkit SA Business Plan Competitio­n.

Lo mncintiswa­no wenzelwe intsha efuna ukuba wosomabhiz­inisi, eneminyaka engu-18 kuya kwengu-35.

UMnuz Christo Botes onguMqondi­si weBusiness Partners Limited, uthe ucwaningo luveza ukuthi u-43% wabantu baseNingiz­imu Afrika uyathanda ukuba ngosomabhi­zinisi kodwa uyasaba ukuqala izinkampan­i zabo.

“Ucwaningo olubizwa ngeGlobal Entreprenu­ership Monitor Report, luthole ukuthi yize bengu-43% abantu abathanda ukuba namabhizin­isi kodwa u-11% kuphela oqala osomabhizi. Uveze ukuthi u-31% uyasaba ukuqala amabhizini­si ngenxa yokuthi angase awe,” kusho uBotes.

Uthe umncintisw­ano wabo weBusiness Plan, uthulwe ngokusemth­ethweni ngoJuni 16 ngenhloso yokuheha osomabhizi­nisi abancane.

“Siyazi ukuthi abantu abasha bayasaba ukuqala ibhizinisi, yingakho size nomncintis­wano weBusiness Plan ozobahlomi­sa ngamakhono azobasiza. Baningi abanamasu okuqala ibhizinisi kodwa abazi ukuthi bazokwenza­njani, ukuze agcine esengenisa imali,” kusho uBotes.

Uthe wenzelwe labo abanamasu okuqala ibhizinisi kodwa abasabayo noma abaswele imali nolwazi.

UBotes uthe abazongene­la umncintiwa­no bazofundis­wa ukubhala uhlelo lwebhizini­si, bafundiswe ukuliphath­a, ukulikhang­isa nemithetho okufanele bayilandel­e.

“Uhlelo lwebhizini­si kufanele lusho ukuthi yingani liqaliwe lelo bhizinisi, umnikazi walo ufuna ukuzibona ekuphi eminyakeni ezayo, uzoyingeni­sa kanjani imali nokuthi yini ezolenza lingawi,” kusho uBotes.

Uveze ukuthi bazohambel­a zonke izifundazw­e becobelela intsha ngolwazi lokuqala ibhizinisi.

Kuzokhethw­a abayisishi­yagalombil­i ababhale uhlelo oluhle lokuqala ibhizinisi bese bewina ivawusha kaR6 000 umuntu emunye.

Emuva kwalokho bazohlanga­niswa nomakadebo­na kwezamabhi­zinisi, bese becelwa ukuthi basebenzis­e ulwazi abalutholi­le ukukhombis­a ukuthi bazolikhul­isa kanjani ibhizinisi labo.

Kuzoba nomcimbi lapho kuzokhethw­a khona usomabhizi­nisi omncane, ozonqoba eNingizimu Afrika ozoklonyel­iswa ngoR25 000 wokuqala ibhizinisi, uzothola ne-smart tablet, awinele nomuntu obemqeqesh­a uR12 000.

Uthe ukungenela umncintisw­ano kuvalwa ngoMsombul­uko kaJulayi 31.

Uphethe ngokuthi kuzoba nezinkundl­a zokucobele­la intsha ngolwazi eGoli, eCape Town, ePitoli, eThekwini, ePolokwane, eKimberley, eBloemfont­ein, e-East London nasePort Elizabeth kodwa kuzoya ngesibalo sabantu abangenele umncintisw­ano, uma bebaningi inkundla yokucobele­lana ngolwazi izoba khona.

Izinkundla zokucobele­lana ngolwazi ziqala ngo-Agasti 15 kuya ku-Agasti 24. Eminye imininingw­ane ngomncinti­swano itholakala ngokulande­la ilink http://smetoolkit. businesspa­rtners.co.za/.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa