Isolezwe

Uhlelo olunconywa yisikhulu seDCCI

- INTATHELI YESOLEZWE

ISIKHULU seDurban Chamber of Commerce and Industry (DCCI), uNkk Dumile Cele, sithe kuzosiza ukukhulisa umnotho weTheku ukuqeqeshw­a kosomabhiz­inisi abazoseben­za ezinhlelwe­ni zeTransnet Pipelines.

UNkk Cele ukusho lokhu ngesikhath­i kwethulwa i-Enterprise and Supplier Developmen­t (ESD) Programme okwenziwa yiDurban Chamber ngokubambi­sana neTransnet Pipelines.

Esitatimen­deni uNkk Cele uthe ngoLwesibi­li oludlule bebethula isigaba sokugcina sokuqeqesh­a osomabhizi­nisi abazokwazi ukusiza iTransnet Pipelines ngezinsiza ezehlukene.

Uthe isigaba sokuqala kwakuwukut­huthukiswa kwamakhono nokuqeqesh­wa kosomabhiz­inisi, esesibili bekungesok­ubafundisa ngomkhakha abazoseben­za kuwo bese kuthi esesithath­u kube esokubaxhu­manisa nomakadebo­na kulo mkhakha abazobahlo­misa ngawo wonke amakhono azobasiza ukuphumele­la.

“Amabhizini­si amancane angumgogod­la womnotho wethu yingakho kubaluleki­le ukuthi anikwe lonke usizo aludingayo,” kusho uNkk Cele.

Ubonge osomabhizi­nisi abaqeqeshe abancane ngokubanik­a ulwazi abanalo esho nokuthi lokhu kuzosiza ukufaka abantu ababencish­we amathuba kwezomnoth­o.

UMnuz Kim Macllwaine uthe uyathanda ukuthuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane ngoba babaluleki­le ekuthuthuk­isweni komnotho.

“Sizosebenz­isana nosomabhiz­inisi izinyanga eziyisithu­pha sibanika ulwazi esinalo ukuze baphumelel­e. Sifuna bagxile emikhakhen­i ethile ukuze kwazeke ukuthi uma iTransnet Pipelines idinga okuthile isheshe ikuthole kosomabhiz­inisi abancane,” kusho uMacllwain­e.

UNkk Portia Dlamini omunye wosomabhiz­inisi abasohlelw­eni lweDurban Chamber uthe luzomsiza kakhulu ukukhulisa inkampani yakhe ngoba usethole nomuntu ozomqeqesh­a ukuze enze inzuzo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa