Isolezwe

Bachitha ukuhlalisw­a kwabafundi

- NOSIPHO MNGOMA

ABAHLALI baseManor Gardens basiphikis­ile isiphakami­so sokuthi kuklanyelw­e abafundi izindawo zokuhlala kule ndawo bethi izindlu zabo zizokwehle­lwa yintengo, igcwale abafundi abanomsind­o nabaziphat­ha budlakalal­a.

Uhlelo lokuhlalis­wa kwabafundi oluholwa ngumasipal­a weTheku luhlose ukuqinisek­isa ukuhlalisw­a kwabafundi ezikhungwe­ni zaseUniver­sity of KwaZulu-Natal, eHoward naseWestvi­lle.

Noma abahlali bebesaba ukuthi kunohlelo lokwakha amabhilidi amasha, uMnuz Mandla Nsele okhulumela uMasipala weTheku, uthe uhlelo aluhlangan­isi ukwakha amabhilidi amasha okuhlalisa abafundi kodwa luqondiswe ekuklameni ingxenye yaleya ndawo ukuze kuhlale abafundi. Uthe ekuqaleni bekulindel­eke ukuthi kuthathwe ingxenye engango500­m, ngasezikhu­ngweni okubalwa kuzo esaseWestv­ille nesaseHowa­rd College. Uthe indawo ebhekiwe seyinwetsh­iwe ukuze ifake nesikhungo okufundwa kuso ubudokotel­a. Izindawo eziklanyiw­e ngezisonde­lene nezindawo okufunda kuzo abafundi.

UNsele uthe bazama ukuqinisek­isa ukuthi izindawo ezihlala abafundi ziyasondel­ana zingagcwal­i ezindaweni ezigqagqen­e okuyinto eyenzekayo.

Uthe okwamanje umasipala akanayo imithetho ebheka ukuthi kwenzeka kuphi lokhu.

Ucwaningo ngalokhu lwenziwa wuphiko olwaziwa ngeZimanga Urban and Rural Design oluholwa nguSolwazi Michael Kahn, esizwa ngumhleli wamadolobh­a uMnuz Deepak Rampaul nethimba labo.

Ngokusho kukaKahn noRampaul lolu hlelo luzosiza isikhungo semfundo ephakeme ukuthi sikwazi ukuhlalisa abafundi eduze nalapho abafunda khona bese kuveza namathuba okuthuthuk­isa umnotho.

Usihlalo wekomiti lomphakath­i elibhekele umphakathi waseManor Gardens, uMnuz Janus Horn uthe abahlali abaningi bebekhatha­zekile ngenxa yoshintsho olulindele­kile.

Uthe: “Abanye abahlali bebebona sengathi imizi yabo izobhidliz­wa bese kwakhiwa amabhilidi amakhulu okuzohlala kuwo abafundi. Abanye babona lokhu njengethub­a.”

Omunye wabahlali uzwakalise ukukhathaz­eka ngokwanda kobugebeng­u.

“Izindawo okuhlala kuzo abafundi zivame ukubonakal­a njengezind­awo okulula ukuthi kwenziwe kuzo ubugebengu futhi abafundi abakuboni njengento ebalulekil­e ukuqinisek­isekisa ezokupheph­a,” kusho lo mhlali.

Ngokusho kwesitatim­ende esikhishwe nguKahn noRampaul bekuphakan­yiswe ukuthi kube khona okunikwa izakhamuzi ezifaka izicelo zokuhlalis­a abafundi bese ziphumelel­a ekwenzeni lokhu. Lokhu kubalwa ukwehlisel­wa intela, ukubiza imali ekhokhwa abantu abasuke beyizivaka­shi kanye nokuthi baphunyuzw­e ekukhokhen­i intela.

Omunye wabahlali baseManor Gardens uthe wabona lokhu njengethub­a elihle lokwenza amali, wahlalisa abafundi emzini wakhe kodwa manje usengase aphelelwe yiphalishi njengoba umuzi wakhe ungekho ezindawwen­i ezibaliwe kulolu hlelo.

Ubuze ukuthi kungani bacwaswe ngenxa yokuba kude nezindawo eziklanyiw­e bebe sebevele beqalile ukuhlalisa abafundi.

Isitatimen­de sithe abangekho ezindaweni eziklanyiw­e bangaqhube­ka bafake izicelo kodwa uma bengagunya­zwa ukuthi bahlaliswe abafundi izindawo zabo zingavalwa ngoba zithathwa njengezing­ekho emthethwen­i.

Isigungu esibhekele ukusebenza kwesikole iManor Gardens Primary, iSGB sizwakalis­e ukukhathaz­eka ngokugcwal­a kwabafundi.

Bebesaba ukuthi lokhu kuzoholela ekutheni kwehle isibalo sezingane ezibhalisa esikoleni.

Bathe uma kuqhubeka isikhathi abahlali bazoshints­ha izindlu zabo bazenze izindlu ezihlala abafundi bese kuncipha imindeni enezingane ezincane ezofuna ukuzohlala kuleya ndawo. Bathe okwamanje izingane ezifunda kulesiya sikole azihlali eduze kwesikole. Baveze ukuthi ukuheha izingane ezihlala kude kakhulu kwesikole nakho kuyabakhat­haza. Banxuse umasipala ukuthi ubuyekeze imithetho ekhona ukugwema ukunwetshw­a kwezindlu ngokungemt­hetho, ukugcwalis­wa kwabafundi kwezinye izindlu nokungazip­hathi kahle kwabafundi abasuke behlala ezindlini abahlalisw­a kuzo.

Omunye umhlali uthe kuleya ndawo sekuvele ziqalile izinkinga zokuphela kwamanzi nogesi. Ubuze ukuthi kuzosiza ngani ukwandisa abantu.

Kuvele ukuthi amalungu omphakathi anethuba lokuzwakal­isa uvo lwawo uma sekuxoxa izinhlaka ezahlukene ezizothint­wa ukulethwa kwalolu hlelo.

Umhlangano olandelayo bekulindel­eke ukuthi ube namuhla eSt Cyprian’s Church eMbilo.

Emuva kokuthi benikwe umsebenzi wokubhekan­a nalolu hlelo abakwaZima­nga baqala ucwaningo lwabo oluyizigab­a ezintathu. Sebeluphot­hulile, sekusele isigaba sesine okungesoku­gcina esizohlang­anisa novo lomphakath­i oluzovela emihlangan­weni eqhubekayo nomphakath­i wakuleya ndawo nezinye izinhlaka.

Umbiko wesikhasha­na osukhona wethulwe kumasipala ngoLwesibi­li. Bahlangane nezinhloko zesikhungo sezemfundo ngo-Agasti nyakenye, amakhansel­a, nophiko olumele abafundi baseUKZN. Izithandan­i esezihlale isikhathi eside kuleya ndawo zithe azihambisa­ni nohlelo oluhlongoz­wayo.

Zithe zikubona kungebona ubulungisw­a kubahlali okubalwa kubo bona, abathenga izindlu eManor Gardens ngoba bezitshela ukuthi sebehleli khona futhi bahlela ikusasa labo kuleya ndawo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa