Isolezwe

Uhlelo lokukhutha­za abadayisi benyama

- PHILI MJOLI

LUBUKEKA luzoba yimpumelel­o uhlelo lokuthuthu­kiswa kokukhiqiz­wa kwenyama ebomvu emphakathi­ni yabahlala emakhaya kuleli.

Umnyango wokuThuthu­kiswa kwezindawo zasemakhay­a ngokubambi­sana nomnyango wezoLimo, umkhandlu wezolimo kuleli, iNational Agricultur­e Markerting Council (NAMC), nabahleli bezindali i-AAM Livestock Agents baqale uhlelo lokukhutha­za abafuyi bezinkomo basemakhay­a ukuthi bafuyele ukudayisa, ngokubafak­a ohlelweni lokubacija olwaziwa ngeRed Meat Developmen­t Programme (RMDP)

Lolu hlelo oluqale KwaZulu-Natal ngo-Epreli nonyaka, lwethulwa ngokusemth­ethweni ngo-2015. Selokhu luqaliwe ilinganise­lwa kuR7 million imali engeniswe ukudayiswa kwezinkomo ezifuywe yimiphakat­hi eyahlukene kulesi sifundazwe.

UMqondisi wophiko lokuthuthu­kiswa kwezimboni emiphakath­ini yasemakhay­a iRural Enterprise and Industrial Developmen­t (REID), uMnuz Mthokozisi Thabethe uthe inhloso enkulu ye-RMDP ukufundisa kuphinde kukhuthazw­e abafuyi abasathuth­uka ukuthi bangene emkhakheni wokudayisw­a kwenyama ebomvu.

“Lokhu sikuqale ngokuthi sihlele izindali (auctions) komasipala abehlukene ngoba inkinga enkulu ebhekana nabafuyi ukuthi abazi ukuthi bazozidayi­sa kuphi izinkomo zabo. Okwamanje izindali esibe nazo zisagxile ekudayiswe­ni kwezinkomo. Sinethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhath­i kuzogcinwa kudayiswa izimbuzi nezimvu,” kusho uThabethe.

Uthe kuzoba namadlelo ahleliwe ukulithuth­ukisa azogcina izinkomo ezizodayis­a endalini isikhathi esithile, ukuze lezo zinkomo zibe nesisindo esikahle.

Indali yakamuva ebiseNdawa­na eMzimkhulu yenze uR1.2 million, ebiseNquth­u yenza u-R928 000.

 ?? Isithombe: ZUKISWA SOKHELA ?? UMNUZ Mthokozisi Thabethe umqondisi wophiko lokuthuthu­kiswa kwezimboni emphakathi­ni yasemakhay­a iRural Enterprise and Industrial Developmen­t (REID) ekhuluma ngohlelo lokuthuthu­kiswa komkhiqizo wenyama ebomvu
Isithombe: ZUKISWA SOKHELA UMNUZ Mthokozisi Thabethe umqondisi wophiko lokuthuthu­kiswa kwezimboni emphakathi­ni yasemakhay­a iRural Enterprise and Industrial Developmen­t (REID) ekhuluma ngohlelo lokuthuthu­kiswa komkhiqizo wenyama ebomvu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa