UPhewa akayizwa eyokuqeqesha
UVERONICA “Bhudu” Phewa, oke wagijimela iqembu lesizwe, iBanyana Banyana, uthi akakuphuphi ngisho elele ukuba ngumqeqeshi ebholeni laseNingizimu Afrika elikhokhelayo.
Njengoba iSouth African Football Association (Safa) imemezele ukuthi inemizamo yokuthi kuqalwe iligi yabesifazane ezofana ncamashi ne-Absa Premiership, uPhewa obe nonyawo oluhle lwesokunxele kwiBanyana, uthe ipolitiki egcwele ekuqeqesheni ezingeni eliphezulu iyona emenza ukuba ahlanze ngedela. UPhewa, odabuka kwaNyuswa esigodini saKwaManqoba, uthe nakuba ebalwa nabanye babadlali abasezingeni eliphezulu abake bagijimela iBanyana, lokho akusho ukuthi sekufanele aziphonse emsebenzini angawuzwa kahle wokuqeqesha.
“Angiyena umuntu ophoqelela izinto mina. Ngiyazazi ukuthi angikuthandi ukuqeqesha ebholeni elikhokhelayo ngoba izinkontileka ezinikezwa abaqeqeshi azigculisi neze. Amaqembu akunqumela ugwayi katiki, angakucabangeli. Ngesikhathi usathi uyahlanganisa bese beyakuxosha.
“Sekufanele ulokhu uba yisono, ufuna omunye futhi umsebenzi, angiboni ukuthi impilo engifuna ukuyiphila leyo. Kufanele sikuqonde ukuthi akuthina sonke esike sadlala unobhutshuzwayo esiyoqeqesha ngelinye ilanga,” kusho uPhewa. Uveze ukuthi njengamanje ubambe esitolo sezingubo zokugqoka, esisenkabeni yedolobha iPinetown.
Le ntokazi isike yagijimela ne-Arsenal yaseEngland neFC Indiana yase-United States of America, yalunguza naseUkraine njengoba ike yagijimela neNaftohimik WFC. Nakuba engayizwa kahle eyokuqeqesha, uPhewa uneziqu ze-D License azithole ngaphansi kweSafa.
“Safundiswa abe-Safa ePort Shepstone eminyakeni edlule. Lezi yiziqu ezingatheni ngoba empeleni ziyisiqalo. Esami isifiso ukuba yimenenja (agent) yabadlali. Lokhu ngibona kungangifanela kakhulu ngoba ngineso labadlali,” kuchaza uPhewa othe uneqembu labesilisa, iGeneral FC, aliqeqesha ngasekhaya ngenhloso yokubuyisela emphakathini.
Uphinde wabongela uDesiree Ellis osengumqeqeshi weBanyana ababedlala naye eminyakeni edlule.
“Ngesikhathi sisadlala wayevele esiqeqesha ngisho enkundleni. Wayengakufihli ukuthi kuyisifiso sakhe ukucija elesizwe ngelinye ilanga. Ngiyamjabulela kakhulu udadewethu futhi iBanyana isezandleni ezinhle ngibona sizoyihlungela ngempumelelo iNdebe yoMhlaba,” kuphetha uPhewa.
Le ngwazi inabafowabo ababili abagijimela iReal Kings kwiNational First Division uVuyo noNkosingiphile Phewa.