Isolezwe

UDamon weseka iVAR ebholeni

- LUNGILE MAJOKA

OWAYENGUNO­MPEMPE waseNingiz­imu Afrika kwiPremier Soccer League (PSL), uJerome Damon, uthi alunikezwe isikhathi uhlelo,

i-video assistant referee (VAR), alubona lukhuculul­a ubuqili obuningi ebholeni lezinyawo.

I-VAR isiphenduk­e indaba egudwini kubathandi bakanobhut­shuzwayo njengoba kuqhubeka iNdebe yoMhlaba eRussia. Abanye bayisola ngokuthi akukho okusha eza nakho ngoba onompempe basaqhubek­a nokuthatha izinqumo ezingagcul­isi kwabanye. Kukhona labo abathi iwukumosha isikhathi futhi iphazamisa nomgqigqo womdlalo. UDamon osewathath­a umhlalapha­nsi ekuphathen­i imidlalo kwiPSL, osesebenza ukuqeqesha onondweba ngaphansi kweFifa neCAF, efundisa onompempe ngalolu hlelo, uyibona iwubuchwep­heshe obudingeka­yo ebholeni iVAR.

“Lolu hlelo luyasebenz­a, abantu badinga ukuthi balubekeze­lele njengoba kwenzeka lufakwa khilikithi nasebholen­i lombhoxo. Mina ngiyasibon­a isidingo salo nokusebenz­a kwalo. Siyabona abadlali bejeziswa ngalo mkhuba wabo wokubamban­a ebhokosini. Besihlezi sikhala ngokuthi kumele umdlalo webhola ube nomphumela onobulungi­swa, manje sekuyenzek­a kodwa futhi kusakhalwa,” kusho uDamon.

Ugcizelele elokuthi onompempe abasebenza kwiNdebe yoMhlaba babe neminyaka emibili bebeqeshwa nge-VAR.

“I-VAR yafakwa iFifa eminyakeni emine edlule. Kule minyaka emibili edlule njalo ngonyaka bekuba nezithanga­mi zokucobele­lana ngolwazi ezintathu noma ezine ngonyaka ukufundisa onompempe. Baphinde bayisebenz­isa nakweminye imiqhudelw­ano yeFifa.”

I-VAR ithole ukuhlolwa ezingeni lomhlaba ngesikhath­i kuqhubeka iNdebe yoMhlaba ka-Under 20 eKorea. IFifa ibe isinquma ukuthi isebenze naseRussia ukucacisa ngezinqumo zamagoli, amaphenath­i namakhadi.

Kukhona labo abathi kungcono iqembu ngalinye libe nethuba lokucela ukuthi kubuyekezw­e isinqumo sikanompem­pe.

“Cha ngeke kungulunge ukuthi kunikezwe amaqembu amandla anjalo. Angagcina esebenzisa lelo thuba njengeqhin­ga lokuphazam­isa umdlalo. Okusemqoka lapha wukuthi unompempe kube nguyena onamandla okulawula umdlalo. Onompempe be-video bamsiza ekutheni uma kukhona isinqumo asithathil­e, bamtshele ukuthi akabheke kuzona zonke izinhlango­thi ukuze agculiseke ngokuthi isinqumo asithathil­e siyisona. Kukuyena ukuthi uyasiguqul­a,” kusho uDamon.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOMPEMPE waseTurkey uCuneyt Cakir ephikisana nokaputeni weNigeria uJohn Obi Mikel ngesinqumo seVAR ngesikhath­i bebhekene ne-Argentina emdlalweni weNdebe yoMhlaba ka-2018 eRussia ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOMPEMPE waseTurkey uCuneyt Cakir ephikisana nokaputeni weNigeria uJohn Obi Mikel ngesinqumo seVAR ngesikhath­i bebhekene ne-Argentina emdlalweni weNdebe yoMhlaba ka-2018 eRussia ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa