IChiefs neDowns empini yesibabuli somgadli
USHISA phansi umbango phakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs okuvela ukuthi bagaqele isibabuli somgadli weBaroka FC, uTalent Chiwapiwa odabuka eZimbabwe.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, izikhulu zeBaroka FC zidunyelwa amakhanda njengoba lamaqembu “elwa” impi engasukumi phansi, ebanga lo mdlali.
UChiwapiwa usalelwe iminyaka emithathu kwinkontileka yakhe neBaroka, okusho ukuthi amaBrazilians naMakhosi abanga ukumthenga kwinkontileka yakhe. Leli phephandaba, lingaphinde likuqinisekise ukuthi imali efunwa izikhulu zeBaroka FC ngalo mdlali, u-R3.5 million.
Ngokusho komthombo osondelene kakhulu neBaroka FC, iChiefs iyona eyayiveze uthando lwalo mdlali kuqala ngesizini edlule. Nokho kuthe emasontweni ambalwa edlule, iSundowns nayo yafaka isicelo sokuthenga umdlali isigubhukane.
“Ngemuva kokuthi iChiefs isayinise uBilliat, iSundowns ikhombise ukunengeka kakhulu. Lokhu kuholele ekutheni amaBrazilians afake isicelo sokuthenga lo mdlali. Inkinga ekhona ukuthi uChiwapiwa usalelwe inkontileka yeminyaka emithathu naBakgaga Ba Mphahlele. Ubukeka ushube kakhulu umbango ngalo mdlali phakathi kwala maqembu womabili, kepha iChiefs iyona ebonakala isethubeni elihle.
“Nangonyaka odlule zikhona izikhawu lapho lo mdlali (Chiwapiwa), ebengakufihli khona ukuthi ufuna ukulandela ezinyathelweni zeqhawe lakhe uKnowledge Musona owagila izimanga kwiChiefs,” kusho umthombo odonse leli phephandaba ngendlebe ukuba lingalinge liwudalule.
Isolezwe libe selixhumana ngqo nesikhulu esiphezulu kwiBaroka FC, uMorgan Mammila. Ngesikhathi lesi sikhulu sibuzwa ukuthi kuliqiniso elingakanani ukuthi iSundowns neChiefs ifuna uChiwapiwa, sithe, “Kungenzeka phela ukube bazijahanela ezindaweni zabo ezicashile kungakho ngingeke ngivume noma ngiphike”.
Nokho lesi sikhulu silivumile inani lokudayisa kukaChiwapiwa.
“Inkontileka anayo nathi isasalelwe iminyaka emine,” kuchaza lesi sikhulu obusizwa ukuthi silwazi kahle lolu daba.
UChiwapiwa, oneminyaka ewu-26, usedlalele iqembu lesizwe laseZimbabwe imidlalo ewu-17, washaya amagoli amahlanu. Ngesizini edlule ubevutha bhe kwiBaroka.