AmaBhakhaniya achitha obekhuhla ibhentshi
KUHLUKANA inhloko nesixhanti phakathi kwe-Orlando Pirates nomdlali wasemuva, uNkosinathi Mthiyane, obebolekiswe kwiChippa United ngesizini ka-2017/2018.
UMthiyane usayine kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2016/2017 esuka kwiChilli Boys kodwa wabolekiswa kwiLamontville Golden Arrows, wafika wazitamuzela ijezi ngaphansi komqeqeshi uClinton Larsen. Nokho ubuyele kweZimnyama waphinda waphenduka ukudla kwebhentshi ngaphambi kokubolekiswa kwiChippa ngoJanuwari.
Leli phephandaba lithole ukuthi uMthiyane ungomunye wabadlali abazohlukana nePirates ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019. EZimnyama zisanda kuchitha uMarc van Heerden, Ayanda Gcaba, Reyaad Norodien noBrighton Mhlongo (obebolekiswe kwiChippa ngesizini edlule).
Umthombo osondelene noMthiyane, upotshoze ukuthi makhulu amathuba okuthi lo mdlali owayeyintandokazi yabalandeli kwiThanda Royal Zulu, angayiqali isizini kweZimnyama. Inkontileka kaMthiyane kwiPirates izophela ekupheleni kwesizini ka-2018/2019.
“UMthiyane usekhulumile nePirates ngesimo sakhe futhi kubukeka besiqonda. Ufuna ukujoyina iqembu azodlala kulona ngesizini ezayo. Kodwa konke sekuncike ekutheni iPirates iyamdedela yini,” kusho umthombo.
IPirates isivele iqinise isikwati sayo ngabadlali abayisishiyagalololunye okungoVincent Pule, Brilliant Khuzwayo, Ben Motshwari, Meshack Maphangule, Asavela Mbekile, Linda Mntambo, Paseka Mako, Abel Mabaso noKudakwashe Mahachi. Kunezinkulumo zokuthi ingase idedele unozinti oyedwa phakathi kukaWayne Sandilands noJackson Mabokgwane. Kuthiwa iBaroka, iyona ehamba phambili emaqenjini acuthele ozochithwa. IBaroka isanda kuhlukana noVirgil Vries osecoshwe yiKaizer Chiefs.
“Ngilinde iPirates ukuthi ithathe isinqumo. Noma yini abazoyisho ngizoyenza ngoba ngisenenkontileka nabo. Kodwa kungenzeka ngidlale kwelinye iqembu ngesizini entsha,” kusho uMthiyane.