Isolezwe

Baxwayiswe ngomkhuba omubi

- LUNGILE MAJOKA

AZOPHELA amahlathi kwabakokot­ela iminyaka yabadlali abazobe beyibambe kwi-Engen Under 19 Knockout Challenge ezoba seMoses Mabhida Stadium ngenyanga ezayo.

UMpho Dintwa ongumqondi­si womqhudelw­ano ubadonse ngendlebe abaqeqeshi bamaqembu angu-16 azoncintis­ana ngoJulayi 13-15 ngokuthi kumele uphele nya lo mkhuba.

“Kulo nyaka sizosebenz­isa ubuchwephe­she be-biometrics ethatha amanyela eminwe kubadlali ukuze kucace ukuthi nguyena ngempela yini ngoba sifuna ukuwuqeda lo mkhuba,” kusho uDintwa.

Uthe beyikomiti elihlela umqhudelwa­no banqume ukuthi umdlali ozobanjwa amiswe iminyaka emibili. Uphinde wacela abaqeqeshi wathi mabakhalim­e abadlali ngendlela yokuziphat­ha.

“Ngiyacela baqeqeshi niqikelele indaba yokuziphat­ha kwabadlali, kumele bahloniphe kuphinde kube nomoya wokubambis­ana. Nokugcina isikhathi kubaluleli­kile. Sikhathele indaba yamaqembu agingqelwa­yo ngoba engakwazi ukugcina isikhathi. Umqhudelwa­no uqala unamaqembu angu-16 siyafisa ukuthi noma ususongwa kube yisibalo esifanayo. Uma sekukhishw­a imiklomelo kukhona onqobile engekho, lowo mklomelo sizowudlul­isela kumdlali olandelayo ozobe ekhona,” kusho uDintwa obengahlek­i.

Inkulumo yakhe inanelwe nanguMazwi Mkhize obemele iSafa KwaZulu-Natal.

“Kunohlelo olubizwa ngeMy Safa Programme okuhloswe ngalo ukulwa nokuphekwa kweminyaka. Umuntu onjani onezitifik­eti ezimbili zokuzalwa? Akufanele ukuthi ngabe isenzeka le nto ngo-2018. Sifuna ukuba nomqhulwan­o omuhle ozokhiqize­la amaqembu akulesi sifundazwe abadlali abazogcina bedlala emaqenjini esizwe baphinde bawelele phesheya,” kusho uMkhize.

Nyakenye umqhudelwa­no unqotshwe yiDurban FC egcine imele isifundazw­e kuzwelonke yaphuma kowandulel­a owamanqamu.

UXolani Mbatha oyimenenja yeqembu le-Engen uthe bazimisele ngokuvikel­a isicoco sabo futhi benze kangcono kuzwelonke. Uthe abanayo inkinga yabadlali abangamagq­ibha.

“Thina sisebenza ngabadlali abancane vele ngakho asinanking­a nakho. Sizogcina abadlali abangu-12 eqenjini ebesinalo nyakenye ngoba kusabafane­le ukudlala emqhudelwa­neni. Sandise ngabayisis­hiyagalomb­ili abasha,” kusho uMbatha. Group A: Durban FC, KwaMashu Arsenal, Young Travel Makers, Future Stars. Group B: Mgangeni; Shooting Stars, Molweni Warriors, Young Caveliers. Group C: AmaZulu, Real Madrid, Waterloo FC, Finland FC. Group D: Royal Eagles, Island FC, Magabheni Stars, Travel Tigers.

 ??  ?? KUSUKA kwesokunxe­le yimenenja yeMoses Mabhida uVusi Mazibuko, u-Eduard Coetzee, oyisikhulu esiphezulu seShark, iMeya yeTheku uZandile Gumede noSbu Zondi oyi-marketing manager kumasipala weTheku. Kungesikha­thi kwethulwa iDurban Challenge izolo emini...
KUSUKA kwesokunxe­le yimenenja yeMoses Mabhida uVusi Mazibuko, u-Eduard Coetzee, oyisikhulu esiphezulu seShark, iMeya yeTheku uZandile Gumede noSbu Zondi oyi-marketing manager kumasipala weTheku. Kungesikha­thi kwethulwa iDurban Challenge izolo emini...
 ??  ?? ABAQEQESHI baqamaqemb­u azobhekana kwi-Engen Under 19 Knockout Challenge ngoJulayi Isithombe: SHELLEY KJONSTAD/ African News Agency (ANA)
ABAQEQESHI baqamaqemb­u azobhekana kwi-Engen Under 19 Knockout Challenge ngoJulayi Isithombe: SHELLEY KJONSTAD/ African News Agency (ANA)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa