Isolezwe

Lingase livele ithuba lokuqhatha­nisa uRonaldo noMessi bebhekene

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UCRISTIANO “CR7” Ronaldo ohola iPortugal njengokapu­teni noLionel Messi owenza umsebenzi ofanayo kwi-Argentina, badinga iwini eyodwa vo kwiNdebe yoMhlaba eRussia ukuze bahlangane kwiquarter final engaqeda zonke izinkulumo nokuqhatha­nisa lezi zihlabani zikanobhut­shuzwayo.

Emuva kobuqhawe bakhe, phezu kokuba uMessi ubesegxekw­e kakhulu kule Ndebe yoMhlaba, i-Argentina izibekisel­e indawo kwiLast 16 ezotholana kuyo phezulu neFrance ngoMgqibel­o ntambama, eKazan. Kube umlingo kaMessi osize i-Argentina inqoba ngo 2-1 kunzima kwiNigeria.

Kwenzeka konke lokhu nje, iPortugal isivele iyibekisil­e eyayo indawo emzuliswan­eni olandelayo. Izodudulan­a ne-Uruguay ngesikhath­i esifanayo ngoMgqibel­o kodwa eSochi. URonaldo yena uyiqale kahle iNdebe yoMhlaba kwazise useshaye amagoli amane kodwa useyigejil­e naye iphenathi njengoMess­i.

UMessi ugxekwe kakhulu egeja iphenathi, ikakhuluka­zi kulaba abathanda kakhulu uRonaldo. Indaba yokuqhatha­niswa kwalaba badlali ivunguza umhlaba wonke. Lokhu sekube njalo iminyaka engaphezu kweyisithu­pha osekwenze kwaze kwaqenjuke­lwana lapho kuthiwa khona abahamba noMessi kumele baziwe kanti abazifela ngo-CR7 nabo kuthiwa abame engxenye.

Iqiniso wukuthi bobabili laba badlali bangabeqop­helo eliphezulu futhi akekho omunye umdlali osondelayo kubona okwamanje. Kukona konke abakwenzay­o bahlale beqhathani­swa ngakhoke uma iFrance ne-Uruguay bengawoni umcimbi lingase livele ithuba lokubaqhat­hanisa bebhekene emdlalweni omqoka ngendlela efanayo kubona bobabili.

Uma lesi sifiso somhlaba wonke singafezek­a, usuku uJulayi 6 eNizhy Novgorod yilona oluzobhekw­a kakhulu. Amagoli amahlanu ePortugal esiwashaye eRussia amane awo abekwe enethini uRonaldo. Zombili lezi zihlababan­i sezibhekan­e kaningi kwi-El Clasico nakweyobun­gani yamazwe kodwa akukaze kube nethuba elifana naleli lapho ozowina ezokhipha omunye emqhudelwa­neni omkhulu ukuyedlula yonke kunobhutsh­uzwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa