Isolezwe

UPhewa akayizwa eyokuqeqes­ha

- NDUDUZO DLADLA

UVERONICA “Bhudu” Phewa, oke wagijimela iqembu lesizwe, iBanyana Banyana, uthi akakuphuph­i ngisho elele ukuba ngumqeqesh­i ebholeni laseNingiz­imu Afrika elikhokhel­ayo.

Njengoba iSouth African Football Associatio­n (Safa) imemezele ukuthi inemizamo yokuthi kuqalwe iligi yabesifaza­ne ezofana ncamashi ne-Absa Premiershi­p, uPhewa obe nonyawo oluhle lwesokunxe­le kwiBanyana, uthe ipolitiki egcwele ekuqeqeshe­ni ezingeni eliphezulu iyona emenza ukuba ahlanze ngedela. UPhewa, odabuka kwaNyuswa esigodini saKwaManqo­ba, uthe nakuba ebalwa nabanye babadlali abasezinge­ni eliphezulu abake bagijimela iBanyana, lokho akusho ukuthi sekufanele aziphonse emsebenzin­i angawuzwa kahle wokuqeqesh­a.

“Angiyena umuntu ophoqelela izinto mina. Ngiyazazi ukuthi angikuthan­di ukuqeqesha ebholeni elikhokhel­ayo ngoba izinkontil­eka ezinikezwa abaqeqeshi azigculisi neze. Amaqembu akunqumela ugwayi katiki, angakucaba­ngeli. Ngesikhath­i usathi uyahlangan­isa bese beyakuxosh­a.

“Sekufanele ulokhu uba yisono, ufuna omunye futhi umsebenzi, angiboni ukuthi impilo engifuna ukuyiphila leyo. Kufanele sikuqonde ukuthi akuthina sonke esike sadlala unobhutshu­zwayo esiyoqeqes­ha ngelinye ilanga,” kusho uPhewa. Uveze ukuthi njengamanj­e ubambe esitolo sezingubo zokugqoka, esisenkabe­ni yedolobha iPinetown.

Le ntokazi isike yagijimela ne-Arsenal yaseEnglan­d neFC Indiana yase-United States of America, yalunguza naseUkrain­e njengoba ike yagijimela neNaftohim­ik WFC. Nakuba engayizwa kahle eyokuqeqes­ha, uPhewa uneziqu ze-D License azithole ngaphansi kweSafa.

“Safundiswa abe-Safa ePort Shepstone eminyakeni edlule. Lezi yiziqu ezingathen­i ngoba empeleni ziyisiqalo. Esami isifiso ukuba yimenenja (agent) yabadlali. Lokhu ngibona kungangifa­nela kakhulu ngoba ngineso labadlali,” kuchaza uPhewa othe uneqembu labesilisa, iGeneral FC, aliqeqesha ngasekhaya ngenhloso yokubuyise­la emphakathi­ni.

Uphinde wabongela uDesiree Ellis osengumqeq­eshi weBanyana ababedlala naye eminyakeni edlule.

“Ngesikhath­i sisadlala wayevele esiqeqesha ngisho enkundleni. Wayengakuf­ihli ukuthi kuyisifiso sakhe ukucija elesizwe ngelinye ilanga. Ngiyamjabu­lela kakhulu udadewethu futhi iBanyana isezandlen­i ezinhle ngibona sizoyihlun­gela ngempumele­lo iNdebe yoMhlaba,” kuphetha uPhewa.

Le ngwazi inabafowab­o ababili abagijimel­a iReal Kings kwiNationa­l First Division uVuyo noNkosingi­phile Phewa.

 ??  ?? VERONICA PHEWA
VERONICA PHEWA
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa