UDamon weseka iVAR ebholeni
OWAYENGUNOMPEMPE waseNingizimu Afrika kwiPremier Soccer League (PSL), uJerome Damon, uthi alunikezwe isikhathi uhlelo,
i-video assistant referee (VAR), alubona lukhuculula ubuqili obuningi ebholeni lezinyawo.
I-VAR isiphenduke indaba egudwini kubathandi bakanobhutshuzwayo njengoba kuqhubeka iNdebe yoMhlaba eRussia. Abanye bayisola ngokuthi akukho okusha eza nakho ngoba onompempe basaqhubeka nokuthatha izinqumo ezingagculisi kwabanye. Kukhona labo abathi iwukumosha isikhathi futhi iphazamisa nomgqigqo womdlalo. UDamon osewathatha umhlalaphansi ekuphatheni imidlalo kwiPSL, osesebenza ukuqeqesha onondweba ngaphansi kweFifa neCAF, efundisa onompempe ngalolu hlelo, uyibona iwubuchwepheshe obudingekayo ebholeni iVAR.
“Lolu hlelo luyasebenza, abantu badinga ukuthi balubekezelele njengoba kwenzeka lufakwa khilikithi nasebholeni lombhoxo. Mina ngiyasibona isidingo salo nokusebenza kwalo. Siyabona abadlali bejeziswa ngalo mkhuba wabo wokubambana ebhokosini. Besihlezi sikhala ngokuthi kumele umdlalo webhola ube nomphumela onobulungiswa, manje sekuyenzeka kodwa futhi kusakhalwa,” kusho uDamon.
Ugcizelele elokuthi onompempe abasebenza kwiNdebe yoMhlaba babe neminyaka emibili bebeqeshwa nge-VAR.
“I-VAR yafakwa iFifa eminyakeni emine edlule. Kule minyaka emibili edlule njalo ngonyaka bekuba nezithangami zokucobelelana ngolwazi ezintathu noma ezine ngonyaka ukufundisa onompempe. Baphinde bayisebenzisa nakweminye imiqhudelwano yeFifa.”
I-VAR ithole ukuhlolwa ezingeni lomhlaba ngesikhathi kuqhubeka iNdebe yoMhlaba ka-Under 20 eKorea. IFifa ibe isinquma ukuthi isebenze naseRussia ukucacisa ngezinqumo zamagoli, amaphenathi namakhadi.
Kukhona labo abathi kungcono iqembu ngalinye libe nethuba lokucela ukuthi kubuyekezwe isinqumo sikanompempe.
“Cha ngeke kungulunge ukuthi kunikezwe amaqembu amandla anjalo. Angagcina esebenzisa lelo thuba njengeqhinga lokuphazamisa umdlalo. Okusemqoka lapha wukuthi unompempe kube nguyena onamandla okulawula umdlalo. Onompempe be-video bamsiza ekutheni uma kukhona isinqumo asithathile, bamtshele ukuthi akabheke kuzona zonke izinhlangothi ukuze agculiseke ngokuthi isinqumo asithathile siyisona. Kukuyena ukuthi uyasiguqula,” kusho uDamon.