Isolezwe

IChiefs neDowns empini yesibabuli somgadli

- NDUDUZO DLADLA

USHISA phansi umbango phakathi kweMamelod­i Sundowns neKaizer Chiefs okuvela ukuthi bagaqele isibabuli somgadli weBaroka FC, uTalent Chiwapiwa odabuka eZimbabwe.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, izikhulu zeBaroka FC zidunyelwa amakhanda njengoba lamaqembu “elwa” impi engasukumi phansi, ebanga lo mdlali.

UChiwapiwa usalelwe iminyaka emithathu kwinkontil­eka yakhe neBaroka, okusho ukuthi amaBrazili­ans naMakhosi abanga ukumthenga kwinkontil­eka yakhe. Leli phephandab­a, lingaphind­e likuqinise­kise ukuthi imali efunwa izikhulu zeBaroka FC ngalo mdlali, u-R3.5 million.

Ngokusho komthombo osondelene kakhulu neBaroka FC, iChiefs iyona eyayiveze uthando lwalo mdlali kuqala ngesizini edlule. Nokho kuthe emasontwen­i ambalwa edlule, iSundowns nayo yafaka isicelo sokuthenga umdlali isigubhuka­ne.

“Ngemuva kokuthi iChiefs isayinise uBilliat, iSundowns ikhombise ukunengeka kakhulu. Lokhu kuholele ekutheni amaBrazili­ans afake isicelo sokuthenga lo mdlali. Inkinga ekhona ukuthi uChiwapiwa usalelwe inkontilek­a yeminyaka emithathu naBakgaga Ba Mphahlele. Ubukeka ushube kakhulu umbango ngalo mdlali phakathi kwala maqembu womabili, kepha iChiefs iyona ebonakala isethubeni elihle.

“Nangonyaka odlule zikhona izikhawu lapho lo mdlali (Chiwapiwa), ebengakufi­hli khona ukuthi ufuna ukulandela ezinyathel­weni zeqhawe lakhe uKnowledge Musona owagila izimanga kwiChiefs,” kusho umthombo odonse leli phephandab­a ngendlebe ukuba lingalinge liwudalule.

Isolezwe libe selixhuman­a ngqo nesikhulu esiphezulu kwiBaroka FC, uMorgan Mammila. Ngesikhath­i lesi sikhulu sibuzwa ukuthi kuliqiniso elingakana­ni ukuthi iSundowns neChiefs ifuna uChiwapiwa, sithe, “Kungenzeka phela ukube bazijahane­la ezindaweni zabo ezicashile kungakho ngingeke ngivume noma ngiphike”.

Nokho lesi sikhulu silivumile inani lokudayisa kukaChiwap­iwa.

“Inkontilek­a anayo nathi isasalelwe iminyaka emine,” kuchaza lesi sikhulu obusizwa ukuthi silwazi kahle lolu daba.

UChiwapiwa, oneminyaka ewu-26, usedlalele iqembu lesizwe laseZimbab­we imidlalo ewu-17, washaya amagoli amahlanu. Ngesizini edlule ubevutha bhe kwiBaroka.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weBaroka FC, uTalent Chawapiwa, kuvela ukuthi ufunwa yiMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weBaroka FC, uTalent Chawapiwa, kuvela ukuthi ufunwa yiMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa