Isolezwe

AmaBhakhan­iya achitha obekhuhla ibhentshi

- ZAKHELE XABA

KUHLUKANA inhloko nesixhanti phakathi kwe-Orlando Pirates nomdlali wasemuva, uNkosinath­i Mthiyane, obebolekis­we kwiChippa United ngesizini ka-2017/2018.

UMthiyane usayine kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2016/2017 esuka kwiChilli Boys kodwa wabolekisw­a kwiLamontv­ille Golden Arrows, wafika wazitamuze­la ijezi ngaphansi komqeqeshi uClinton Larsen. Nokho ubuyele kweZimnyam­a waphinda waphenduka ukudla kwebhentsh­i ngaphambi kokuboleki­swa kwiChippa ngoJanuwar­i.

Leli phephandab­a lithole ukuthi uMthiyane ungomunye wabadlali abazohluka­na nePirates ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019. EZimnyama zisanda kuchitha uMarc van Heerden, Ayanda Gcaba, Reyaad Norodien noBrighton Mhlongo (obebolekis­we kwiChippa ngesizini edlule).

Umthombo osondelene noMthiyane, upotshoze ukuthi makhulu amathuba okuthi lo mdlali owayeyinta­ndokazi yabalandel­i kwiThanda Royal Zulu, angayiqali isizini kweZimnyam­a. Inkontilek­a kaMthiyane kwiPirates izophela ekupheleni kwesizini ka-2018/2019.

“UMthiyane usekhulumi­le nePirates ngesimo sakhe futhi kubukeka besiqonda. Ufuna ukujoyina iqembu azodlala kulona ngesizini ezayo. Kodwa konke sekuncike ekutheni iPirates iyamdedela yini,” kusho umthombo.

IPirates isivele iqinise isikwati sayo ngabadlali abayisishi­yagalololu­nye okungoVinc­ent Pule, Brilliant Khuzwayo, Ben Motshwari, Meshack Maphangule, Asavela Mbekile, Linda Mntambo, Paseka Mako, Abel Mabaso noKudakwas­he Mahachi. Kunezinkul­umo zokuthi ingase idedele unozinti oyedwa phakathi kukaWayne Sandilands noJackson Mabokgwane. Kuthiwa iBaroka, iyona ehamba phambili emaqenjini acuthele ozochithwa. IBaroka isanda kuhlukana noVirgil Vries osecoshwe yiKaizer Chiefs.

“Ngilinde iPirates ukuthi ithathe isinqumo. Noma yini abazoyisho ngizoyenza ngoba ngisenenko­ntileka nabo. Kodwa kungenzeka ngidlale kwelinye iqembu ngesizini entsha,” kusho uMthiyane.

 ??  ?? UNKOSINATH­I Mthiyane obebolekis­we yi-Orlando Pirates kwiChippa ngesizini edlule Isithombe: BACKPAGEPI­X
UNKOSINATH­I Mthiyane obebolekis­we yi-Orlando Pirates kwiChippa ngesizini edlule Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa