Isolezwe

Usabhekene ngeziqu uTau neSundowns

- Senegal (0) 0 Colombia (0) 1 LUNGILE MAJOKA

KWEHLE izihlathi i-Afrika yonke ngesikhath­i kuphuma ithemba layo lokugcina kwiNdebe yoMhlaba eseRussia, iSenegal ikhala ngaphansi kwiColombi­a emdlalweni kaGroup H odlalwe izolo ntambama, eSamara Arena .

Ukuphuma kweSenegal bekusho ukuthi wonke amaqembu abemele leli zwekazi (i-Afrika) kulo mqhudelwan­o awashe ijezi esigabeni sokuqala. INigeria, Egypt, Morocco neTunisia bonke sebesemakh­aya manje iNdebe yoMhlaba bayibuka kwithelevi­shini njengawo wonke umuntu.

Nakuba iSenegal neColombia beqale lo mdlalo besesimeni esingafani kodwa futhi bebazi ukuthi iJapan isenalo nayo ithuba njengoba ibidlala nePoland ngesikhath­i esifanayo eVolgograd Arena. ISenegal (ebidinga iphuzu kuphela) neJapan baqale besebuhlen­i kodwa iColombia beyazi ukuthi iwini izoyiwelis­ela ngapheshey­a.

Awufikanga emizuzwini engu-20 umdlalo ingakazive­zi i-Video Assistant Referee (VAR) lapho iSenegal iphikelwe khona iphenathi esobala kudlaliswa kabi uSadio Mane ngomzuzu ka-16. Sekukhalwe kakhulu ngalolu hlelo lweVAR ngokuthi lusebenza nganxanye. Abalandeli abaningi bakhononda ngokuthi kungani lolu hlelo luvune amazwe ase-Europe nawaseSout­h America kodwa njalo luphike uma kungawase-Afrika.

Kusakhulun­ywa namanje ngendlela iNigeria ekhishwe ngayo yi-Argentina kwiNdebe yoMhalba ngoba kulowo mdlalo kuphikwe iphenathi esobala ebizoweza leli qembu lesizwe elidume ngeSuper Eagles. Okuxake wonke umuntu esiwombeni sokuqala eSamara ukuthi ukhishelwe­ni ngomzuzu ka-31 engalimele uJames Rodrigues ohlale eyihola njengesiba­ni iColombia.

Ngemuva kokungena kwezindaba zokuthi iPoland isilishayi­le igoli komunye umdlalo umsindo kube sengathi uyakhuphuk­a kwalandela ngokuthi ilibeke enethini iColombia ngekhanda likaYerry Mina ngomzuzu ka-74.

Kube sengathi kuyayivusa lokhu iSenegal ebisibheke­ne nokuwasha ijezi kwazise ibisibambe­ne neJapan ngakho konke kodwa iJapan ibingcono ngokuzipha­tha kahle. Inamakhadi aphuzi amancane kunalawa ithemba lase-Afrika ebelinawo. Konke kugcine kuphele kanjalo, kwaphela kanjalo nangephuph­o le-Afrika lokudla lesi sicoco ngelinye ilanga noma ukufinyele­la kweyandule­la eyamanqamu ngomunye unyaka.

ABONAKALA emancane amathuba okuthi isibabuli somdlali weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, siyisize ithole amaphuzu amqoka emdlalweni wayo olandelayo weCAF Champions League.

Izolo uTau ubesashaye umduvo engekho ekhempini yeSundowns eqhubeka eRustenbur­g, eNorth West.

Imibiko ephume kuleli sonto iveze ukuthi lo mdlali ukhala ngokuthi iqembu limi endleleni yakhe ebheke phesheya kwezilwand­le lapho efunwa iBrighton & Hove Albion edlala kwi-English Premiershi­p, e-England. ISundowns izobhekana ne-AS TogoPort yaseTogo koweChampi­ons League ekuhambeni ngoJulayi 17. Kulo mdlalo, leli qembu eliqeqeshw­a, uPitso Mosimane, lidinga amaphuzu amathathu ngemuva kokudlala ngokulinga­na kwemibili eqoqweni layo.

UThulani Thuswa, okhulumela iSundowns, ukuqinisek­isile ukuthi uTau akakafiki ekhempini. Ugcizelele ukuthi yilokho kuphela azokuveza ngodaba oluthinta lomdlali obe yiFootball­er of the Season ka-2017/2018 ngemuva kokusiza iSundowns ibe ngompetha be-Absa Premiershi­p.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, iqembu aleneme ngesenzo somdlali soku“lova emsebenzin­i”.

Usolwa ngokuthi ulalela abantu abaningi abangamelu­leki ngendlela efanele.

UTau usenenkont­ileka neSundowns ephela ngonyaka ozayo.

“Ngabe kungcono ukube labo abamelulek­ayo, ke okungenani, bayamtshel­a ukuthi akafike ejimini. UKeagan Dolly noBongani Zungu badlala eqenjini baze bahamba kodwa yena wenza ngendlela yakhe,” kusho omunye umthombo weSolezwe.

Imibiko ephumile ibithi iBrighton & Hove ibeke u-R44 million ngoTau kodwa iSundowns yasichitha lesi sicelo. Kuthiwe iqembu lona lifuna elinganise­lwa ku-R70 million.

UThuswa uthe ngeke aphawule lutho kodwa iqembu limile esitatimen­deni elasikhiph­a esithi, ngeke bame endleleni yomdlali ebheke e-Europe.

“ISundowns isikusho kaningi kulezi zinyanga ezingu-18 ezedlule ukuthi izimisele ngokuqinis­ekisa ukuthi uPercy Tau uqhuba umdlalo wakhe

e-Europe. Isiphatha kabi imibiko engelona iqiniso kwabezinda­ba ethinta uTau. ISundowns ngeke isasho lutho ngalolu daba kwabezinda­ba ngoba izingxoxo ziyaqhubek­a namaqembu azimisele ngoTau,” kusho isitatimen­de

seSundowns. imali

 ??  ?? UPERCY Tau weMamelodi Sundowns, akakayinge­ni namanje eyokubuyel­a ejimini neqembu okuvela ukuthi lizinze eRustenbur­g Isithombe: BACKPAGEPI­X
UPERCY Tau weMamelodi Sundowns, akakayinge­ni namanje eyokubuyel­a ejimini neqembu okuvela ukuthi lizinze eRustenbur­g Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ?? Isithombe: REUTERS ?? INJINI yeSenegal uSadio Mane uzame wancama nozakwabo ukuthi bajike izinto emdlalweni wabo neColombia okuyiyo egcine idlulele kuLast 16 ye-2018 Fifa World Cup
Isithombe: REUTERS INJINI yeSenegal uSadio Mane uzame wancama nozakwabo ukuthi bajike izinto emdlalweni wabo neColombia okuyiyo egcine idlulele kuLast 16 ye-2018 Fifa World Cup
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa