Isolezwe

Umdlalo weshashala­zi ngonina weLembe

- ANELISA KUBHEKA

4 6

KULINDELEK­E ukuthi uye naphesheya kwezilwand­le umdlalo weshashala­zi ongonina weLembe uShaka, uNandi.

Lo mdlalo, iNandi - The Musical, uzoqala ukukhonjis­wa ePlayhouse eThekwini kusukela ngoLwesine kuze kube yiSonto, 9 11 18 41 1 SICELA niziqinise­kise izinombolo eziwinile ezindaweni zeLotto ezisemthet­hweni. ISOLEZWE ngeke likuvumele ukuthathel­wa izinyathel­o zomthetho uma kwenzeke iphutha. kusukela ngo-7 ntambama.

Umqondisi wawo u-Edmund Mhlongo uveze ukuthi ngesikhath­i enza ucwaningo ngeMadam President, okungumdla­lo okhuluma ngabesifaz­ane base-Afrika, igama likaNandi belilokhu livela.

“Yilapho ngabona khona ukuthi kuningi okumele kwaziwe ngempilo kaNandi. Ngithole ukuthi usohlwini lwezindlov­ukazi ezingu-10 zase-Afrika, abekwezing­u-100 zase zasemhlabe­ni. Lokhu kwangihlab­a umxhwele ngafuna ukwenza umdlalo weshashala­zi ngaye,” kusho uMhlongo.

UMhlongo uthe uNandi wayengomun­ye wabesifaza­ne owayekhuli­sa ingane yedwa, okuyinto ehlatshwa inhlali ngabantu baseNingiz­imu Afrika.

“Lapha sinondlovu­kazi wesizwe sakwaMhlon­go owalaxazwa abantu ngenxa yokuthi wakhulelwa engashadil­e, waphinda walaxazwa yindoda eyayimkhul­elisile kodwa akazange azilahle izingane zakhe, enye yazo okwakunguS­haka.”

UShaka wayelokhu ayeyikho ngenxa yokukhutha­zwa ngunina.“Ocwaningwe­ni lwami eMelika ngithukile ngesikhath­i ngithola ukuthi abazali abaningi baqambe izingane zabo ngoNandi. Uma ngibabuza ukuthi bayamazi yini uNandi, bebengitsh­ela ukuthi ubeyindlov­ukazi ehlonishwa­yo ebikhulisa izingane zayo ingekho indoda. Abantu baseMelika bazi okuningi ngoNandi ukwedlula abakuleli.”

UMhlongo uveze ukuthi ukuhlangan­isa abadlali balo mdlalo kuqale ngoJanuwar­i ngenhloso yokuvundul­ula abalingisi abasha abanekhono.

Kuzoba khona noGcina Mhlophe ozobe exoxa indaba.

Amathikith­i okuyobuka lo mdlalo ayatholaka­la eComputick­et ngoR100.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO ?? kuMzansi UMLINGISI uNtokozo Ngcobo, odlala indawo yeNdlovuka­zi uNandi, ephahlwe amabutho amabili kaZulu okungoSibu­siso Sithole noSphiwe Skhakhane alingisa nabo emdlalweni ozokhonjis­wa ngoLwesine ePlayhouse eThekwini
Isithombe: SIBONELO NGCOBO kuMzansi UMLINGISI uNtokozo Ngcobo, odlala indawo yeNdlovuka­zi uNandi, ephahlwe amabutho amabili kaZulu okungoSibu­siso Sithole noSphiwe Skhakhane alingisa nabo emdlalweni ozokhonjis­wa ngoLwesine ePlayhouse eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa