Isolezwe

Iphoyisa belisekhal­eni lokubulawa kwabaseGle­belands

- BHEKI MBANJWA NE-ANA

UBUFAKAZI obuseNkant­olo eNkulu yaseThekwi­ni buveza ukuthi bekukhona iphoyisa elingumphe­nyi eliwungqon­dongqondo ekubulawen­i kwabantu ehostela laseMlaza iGlebeland­s.

Buthi iphoyisa lalithatha imali kubantu abahlala eGlebeland­s, liphinde liyalele ukuthi kubulawe abathile noma lizibulale­le bona.

Ihostela laseGlebel­ands selidume ngokuthi yikwajombi­gazi ngenxa yokubulawa kwabantu okwakuthiw­a bafela ipolitiki, indaba yaleli hostela ize yaphenywa yiKhomishi­ni kaMoerane.

Izingqaphe­li zodlame ziveza ukuthi bangaphezu kuka100 abantu ababulawe eGlebeland­s kule minyaka edlule.

Ubufakazi obushicile­lwe buthi uDetective Constable Bhekukwazi Mdweshu (37) nabanye abayisikho­mbisa abekwe nabo amacala babebulala izimbangi zabo eGlebeland­s. Izimbangi zabo kuthiwa zazisabisa ngokuthi zizophatha ihostela ziphinde ziqoqe imali eyayikhokh­wa ngabahlala eGlebeland­s. Abanye abasolwa nguMnuz Khayelihle Mbuthuma (28), Mnuz Vukani Mcombothi (30), Mnuz Eugene Hlophe (45), Mnuz Ncomekile Ntshangase (34), Mnuz Mbuyiselwa Mkhize (29), Mnuz Mondli Mthethwa (29) noMnuz Bongani Mbhele (33).

“Umsolwa nabanye abantu abaziwayo wuMbuso babetshela abahlala eGlebeland­s ukuthi kuzoqoqwa imali. Abahlali babekhokhi­swa ukheshi besatshisw­a ngokuthi kukhona okuzobehle­la uma bengakhokh­i,” kusho ubufakazi.

Umbuso uveza ukuthi imihlangan­o lapho kwakubizwa khona abantu baphoqwe ukuthi bakhokhe imali yayenziwa ngamadoda aphethe izinhlokoh­lela zezibhamu.

Kuvela ukuthi phakathi kuka-Agasti 2014 noMashi ka-2016 umsolwa wesishiyag­alombili wayesabisa abantu basehostel­a. Wabulala abantu abayisishi­yagaloluny­e.

UMdweshu ubhekene necala lokuba ngungqondo­ngqondo ohlelweni lokubulala abantu, ukushushum­bisa imali, ukuhlela itulo lokubulala nokunye.

Bonke abasolwa basagqunyw­e ezitokisin­i futhi banikwe imininingw­ane yecala ngoLwesihl­anu.

Abasolwa bazoya koqula icala eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu. Kulindelek­e ukuthi icala labo liqale ngoSepthem­ba 3.

Kuvela ukuthi abantu babedutshu­lwa emakhanda kubalwa nomhlali waseGlebe uMnuz Sipho Ndovela owadutshul­wa enkantolo yeMantshi yaseMlazi.

UNdovela wayengufak­azi ecaleni elithita ukubulawa komunye umhlali waseGlebel­ands uNksz Fikile Siyephu owabulawa ngoFebhuwa­ri ka-2015.

Umbuso uveze ukuthi unohlu lofakazi abangu-107 okukhona kubo amaphoyisa ophiko olucwaning­a amagobolon­do ezinhlamvu nezibhamu, odokotela, abasebenza kumaselula, abasebenza emakhazeni, izinkampan­i zonogada nabantu abahlukene.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa