Isolezwe

‘Akusiye uhulumeni onyusa intengo kaphethrol­i’

- BONISWA MOHALE

ISAZI somnotho nomthetho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithi abantu abazopaka izimoto namhlanje bethi balwisana nokunyuka kukaphethr­oli bafuna ukubukwa ngoba akusiye uhulumeni onyusa uphethroli.

UDumisa usho kanje emuva kokuthi usopolitik­i waseThekwi­ni, uMnuz Visvin Reddy, efake ama-video ezinkundle­ni zokuxhuman­a egqugquzel­a abantu ukuthi bapake izimoto zabo namhlanje.

UReddy uthe uhulumeni uthi uphethroli unyuswa wukusimama kweDollar lase-United States kodwa abantu bebe bekhokha intela kaphethrol­i emba eqolo.

Intengo kaphethrol­i izonyuka ngo-26 cents ngoLwesith­athu.

“Sicela abantu kusasa (namhlanje) bagqoke izingubo ezinombala omnyama, bapake izimoto zabo kusukela ngo-7 ekuseni kuya ku-8 ekuseni. Baphathe izingqwemb­e ezithi abahambisa­ni nokunyuswa kukaphethr­oli. Ukunyuswa kukaphethr­oli kusithinta sonke, abacebile nabampofu,” kusho uReddy.

UMnuz Sfiso Shangase, ozinze ehhovisi leSantaco KwaZuluNat­al, uthe amatekisi ngeke apakwe namhlanje yize besazohlan­gana bengosomat­ekisi ngoLwesith­athu ukubhunga izinkinga ezilethwa wukunyuka kukaphethr­oli.

UDumisa ubashayele izandla osomatekis­i ngokungasi­ngeneli isiteleka.

“Abantu bafuna uphethroli ubize uR5 ilitha ekubeni sikhokha uR6 nemali ngentela kaphethrol­i. Uma iRandi lintenga sikhokha kakhulu uma sithenga uphethroli futhi uma iDollar lase-USA liphelelwa amandla sikhokha kancane. Intela kaphethrol­i ifakwa esikhwamen­i iRoad Accident Fund (RAF) bese enye iya kwizindlek­o zokuwuhluz­a,” kusho uDumisa.

Uthe kumphatha kabi ukuthi iRAF ikhokha uR1 666 wokurenta isihlalo esisodwa emahhovisi ayo.

“Yinkohlaka­lo yodwa lena futhi kufanele ilungiswe indaba yakhona.”

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa