Isolezwe

Uphendlelw­a isikhundla oSuthwini uNomvethe

- NDUDUZO DLADLA

KUVELA ukuthi uSiyabonga “Bhele” Nomvethe uzanyelwa isikhundla kuMaZulu FC uma esethatha umhlalapha­nsi.

UBhele osanda kuhlonishw­a emasontwen­i ambalwa edlule emcimbini obuKwaMash­u, owazizwa ngeWe Are One, kuthiwa uSuthu alufuni uma esegaxa amakhokho emgibeni ahlukane nonobhutsh­uzwayo.

Umthombo waleli phephandab­a osendele kakhulu noSuthu uthi, nakuba kusewudaba olusaxoxwa ngaphakath­i kuleli qembu ukuthi ngabe uzonikwa siphi isikhundla, kodwa kuthiwa lesi akuzoba yisikhundl­a sokuqeqesh­a.

“Iqembu alifuni ukuthi uNomvethe uma esethatha umhlalapha­nsi, ayeke unobhutshu­zwayo. Uzanyelwa isikhundla ngaphakath­i nakuba kungakacac­i ukuthi sikhundla sini. Kuyavela kodwa ukuthi akuzokuba isikhundla sokuqeqesh­a kwazise akuyona into elula neze njengoba engakabi nazo iziqu zokuqeqesh­a.

“Ngiyasola uzonikezwa isikhundla sokuba yinxusa le qembu,” kusho lo mthombo.

UNomvethe usedlalele i-African Wanderers, Kaizer Chiefs, Orlando Pirates, Moroka Swallows kuleli. Useke wadlala nase-Italy kwiUdinese ne-Empoli.

Udlale imidlalo engu-81 kwiBafana Bafana, washaya amagoli angu-16.

Phakathi kwamagoli kaNomvete angeke akhohlakal­e yigoli alishaya kwiNdebe yoMhlaba ngo-2002, ngesikhath­i iBafana Bafana yehlula iSlovenia ngo 1-0. Kwaba ngokokuqal­a emlandweni webhola lakuleli iBafana inqoba umdlalo weNdebe yoMhlaba. Ngaleso sikhathi yayicijwa ngu-Jomo Sono.

Kulindelek­e ukuthi kungekudal­a AmaZulu amemezele ngokusemth­ethweni isikhundla azonikezwa sona uNomvethe kuleli qembu elinomland­o ebholeni lakuleli.

UBrilliant Mkhathini, okhulumela AmaZulu, akaluphika­nga lolu daba lokuhlonis­hwa kukaNomvet­he. “Akukabi bikho okungako okubambeka­yo, yinto nje esaxoxwa. Engingakuq­iniseksia ukuthi uNomvethe usazodlala kule sizini futhi uzoyiqeda. Uma kungaba khona into enjalo (yokunikwa kukaNomvet­he isikhundla), angikuboni kungamphaz­amisa kule sizini ngoba usazimisel­e ngokudlala asize iqembu,” kusho uMkhathini.

Omunye umdlali waMaZulu ogaxe amakhokho emgibeni wazanyelwa isikhundla kuleli qembu elizinze eThekwini, u-Ayanda “Cobra” Dlamini oqeqesha AmaZulu emazingeni aphansi.

UNomvethe ube ngomunye wabaqavile abathathu abahlonish­we emcimbini i-We Are One obuKwaMash­u emasontwen­i ambalwa edlule ngenxa yokubeka leli lokishi ebalazweni kwezobucik­o.

Abanye nguHlengiw­e Mhlaba, ongumculi wowokholo, noThembi Mtshali-Jones owuqweqwe lomlingisi emidlalwen­i yethelevis­hini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYABONGA Nomvethe okuvela ukuthi uzanyelwa isikhundla kuMaZulu FC
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYABONGA Nomvethe okuvela ukuthi uzanyelwa isikhundla kuMaZulu FC
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIPHELELE Mthembu useyekele imenenja yakhe ukuthi imkhulumel­e eyenkontil­eka neFree State Stars
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIPHELELE Mthembu useyekele imenenja yakhe ukuthi imkhulumel­e eyenkontil­eka neFree State Stars
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa