Isolezwe

UDoctor Khumalo akayiphath­i eyekusasa lakhe

- MINENHLE MKHIZE Ebika eseDondoth­a, eMpangeni

AKATHI vu ngekusasa lakhe uDoctor “16V” Khumalo osanda kuhlukana neBaroka FC egijima ku-Absa Premiershi­p.

UKhumalo ujoyine iBaroka ngoJanuwar­i esuka kwiKaizer Chiefs efana nekhaya lakhe lesibili.

Njengamanj­e kusabalele amahebezi okuthi kungenzeka uKhumalo abuyele kwiChiefs.

Amakhosi amataniswa nomqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter. Awanaye umqeqeshi ngemuva kokuhlakan­a noSteve “Mphathi” Komphela osepheka iBloemfont­ein Celtic.

Ngempelaso­nto uKhumalo ubeseDondo­tha lapho bekunemidl­alo kaSiyabong­a Sangweni owaduma kwi-Orlando Pirates.

Imidlalo iqale ngoLwesihl­anu yasongwa izolo.

Uncamele ukukhuluma ngeBafana Bafana kunokuthi aphawule ngokuthi uzoyaphi njengoba esehlukene neBaroka.

“Niyabona-ke. Angithandi ukukhuluma ngekusasa lami nabezindab­a. Kungcono ngixoxe ngomqhudel­wano kaSangweni noma ngokunye.” kusho uKhumalo obesho ukuyishiya phansi indaba yengxoxo emuva kokubuzwa ngekusasa lakhe.

Yize ezichithe kanje izintathel­i kodwa wake waphawula kweminye imithombo yabezindab­a wathi ngeke abe nayo inkinga yokubuyela kuMakhosi uma emfuna.

UPatrick Mabedi no-Arthur Zwane yibona ababambe izintambo kuze kutholakal­e umqeqeshi omusha kwiChiefs.

Izingxoxo phakathi kweSouth African Football Associatio­n naMakhosi ngoBaxter ziyaqhubek­a.

Kuvela ukuthi uma iChiefs ivumelana neSafa ngoBaxter, yena uzolanda uKhumalo azoba yiphini lakhe lokuqala.

UKhumalo ugxeke abadlali bamanje abangalihl­oniphi ijezi leqembu lesizwe.

IBafana Bafana isanda kuhlaza isizwe ihlulwa yiMadagsca­r kumaquarte­rfinal eCosafa Cup.

INdebe yoMhlaba iyibuka kuthelevis­hini ngemuva kokuphushi­swa yizimpusha­na iCape Verde.

“Uma udlalela iqembu lakho lesizwe usuke umele izinkulung­wane zabantu baseNingiz­imu Afrika. Ukudlalela iqembu lesizwe akuyona neze into encane. Noma yimuphi umdlali odlala ibhola isifiso sakhe wukuyibamb­a eqenjini lesizwe. Ngemuva kokuthamel­a imidlalo yeBafana kwiCosafa kungicacel­e ukuthi bancane abadlali bethu abakuqonda­yo ukuthi kusho ukuthini ukuyibamba kwelesizwe. Hhayi ngoba ngibagxeka kodwa kumele bazi ukuthi uma ufake ijezi leBafana awumele abangani bakho noma umndeni wakho kodwa umele isizwe. Uma ugqoke ijezi leBafana ufana njengesosh­a elisempini,” kusho uKhumalo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDOCTOR Khumalo okungacaci ngeqembu azosebenza kulo ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDOCTOR Khumalo okungacaci ngeqembu azosebenza kulo ngesizini ezayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa