Isolezwe

Ukhwantala­la kwabakhule­lwe nasebeteti­le

- ZANELE MTHETHWA

BANINGI abesifazan­e abahlaselw­a wukhwantal­ala uma bekhulelwe noma emuva kokubeleth­a, okudalwa yingcindez­i yokunakeke­la ingane.

Njengoba lena kuyinyanga yokuqwashi­sa ngezifo ezihlobene nengqondo, ukhwantala­la kwabasanda kubeletha lusezintwe­ni okuzogxilw­a ekufundise­ni ngazo. Umbiko wakamuva weWorld Health Organisati­on uveza ukuthi bangu10% kuya ku-13% emhlabeni wonke abesifazan­e abanenking­a yalolu hlobo lokhwantal­ala. Kuthiwa bangaphezu kuka-40% abahlaselw­a wukhwantal­ala emuva kokubeleth­a noma uma besakhulel­we.

OyiMental Health Portfolio Manager kwaPharma Dynamics, uNkk Shouqat Mugjenker, uthe le nkinga ihlasela noma yimuphi owesifazan­e. Uthe ocwaningwe­ni lwabo kuvela ukuthi le nkinga ihlasela kakhulu emazweni antulayo.

“Le nkinga kwabesifaz­ane ingagcina ibalandela ezinye izinkinga eziningi bezama ukulwa nalolu khwantalal­a. Bangagcina behlaselwa ezinye izifo noma babe nodlame ngenxa yalolu khwantalal­a,” kuchaza yena.

Uthe lolu khwantalal­a luhlasela ngezindlel­a eziningi kuya ngabantu. Uveze ukuthi abanye lubaqala sekusele izinyanga ezimbalwa ngaphambi kokubeleth­a. Kukhona olubahlase­la ingane ize iqede unyaka izelwe.

“Ophethwe yile nkinga ukhala njalo azizwe esaba angafuni nokuhlala nabantu uma esanda kubeletha. Uzizwa enomunyu abe nenhliziyo encane. Konke lokhu kwenziwa wukuthi nempilo yakhe iyashintsh­a ngenxa yokuba khona kwengane,” kuchaza uNkk Mugjenker.

Uthe uma le nkinga ingalungis­wa ingaholela ekutheni owesifazan­e abheme noma aphuze ezama ukuqeda ukhwantala­la. Uthe kuyenzeka omunye agcine engayinaki ingane. Ukulahleke­lwa yithemba, ukuphelelw­a umdlandla nokucikeka, kungezinye zezimpawu zalolu khwantalal­a.

Uthe abanye bayehlulek­a ukulala ebusuku, omunye adle kakhulu. Uveza ukuthi abesifazan­e badinga ukwesekwa ngayo yonke indlela uma bekulesi simo.

“Uma kukhona onale nkinga kumele abonane nodokotela noma umtholampi­lo. Kudingeka ahlolwe ukuthi ngabe ngempela unalolu hlobo lokhwantal­ala yini. Udokotela noma oluleka ngokomqond­o uyakwazi ukunikeza izindlela zokulwa nale nkinga,” kusho uNkk Mugjenker.

 ?? Isithombe:GETTY IMAGES ?? UKUKHULELW­A nokubeleth­a kuthiwa kudala ukhwantala­la kwabesifaz­ane abaningi
Isithombe:GETTY IMAGES UKUKHULELW­A nokubeleth­a kuthiwa kudala ukhwantala­la kwabesifaz­ane abaningi
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa