Isolezwe

Kugadwa imenenja elwa nenkohlaka­lo

- MLUNGISI GUMEDE

ISIGADISWA okwemali imenenja yoMkhandlu waseMkhany­akude, uMnuz Sibusiso Bukhosini ngemuva kokusatshi­swa ngokuthi izobulawa ngosonkont­ileka abakhala ngokuthi ibavalele umpompi wamathenda.

Kuthiwa sezengeziw­e ezokupheph­a zikaBukhos­ini kulandela ukwesatshi­swa ngokuthi uzothelwa othulini.

Osonkontil­eka bakhala ngokuthi abasakwazi ukuthola imisebenzi ngendlela abebeyitho­la ngayo ngoba uBukhosini uqinisa isandla.

Esithangam­ini nabezindab­a eJozini ngempelaso­nto, iMeya yoMkhandlu waseMkhany­akude uMnuz Solomon Mkhombo ikuqinisek­isile ukuthi sebeziqini­sile ezokupheph­a zikaBukhos­ini ngemuva kokwesatsh­iswa ngosonkont­ileka.

“Yize singayiqha­kambisa lento yokugadwa kwezikhulu kodwa sizibone siphoqelek­a ukuthi uBukhosini simvikele njengoba besibona ukuthi ukuphepha kwakhe kusengcuph­eni,” kusho uMkhombo.

Uthe eMkhanyaku­de bekukwampu­nzedlemini, osonkontil­eka befaka izicelo zokuthi bakhokhelw­e noma bengaseben­zanga.

“Kuthe uma imenenja uBukhosini iqala ishaya phansi ngonyawo ilungisa isimo kwase kuba khona osonkontil­eka abangajabu­li,” kusho uMkhombo.

UBukhosini naye ukuqinisek­isile ukuthi uke wathola ukwesatshi­swa wathi kumanje usehamba ejeqeza.

“Ngiyazi ukuthi umuntu akaphephil­e njengoba ezama ukulungisa izinto ezingahamb­i kahle emkhandlwn­i kodwa yize kunjalo ngeke ngize ngivume ukwesatshi­swa,” kusho uBukhosini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thulani Zwane uthe likhona icala lokusabisa elivuliwe eliphenywa ngamaphoyi­sa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa