Isolezwe

Asingalind­eli ukuthuthuk­iswa ngamabhang­e kwezomnoth­o

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

I-CAPITALISM ivuna labo abanemali ukuthi baqhubeke banothe kunabanye abantu. Yingakho uzwa abantu bethi imali izwa enye noma bathi udinga imali ukwenza imali. Lokhu kusho ukuthi akulula ukwenza imali uma ungenamali. Kulula ngisho emabhange ukuboleka imali uma uvele unayo imali noma impahla yokubambis­a.

Enye imali amabhange abolekisa ngayo yile osuke uthi uyibekile ukuze ikhule. Ngakolunye uhlangothi ibhange likuthembi­sa inzalo eqinisekis­iwe kanti libolekisa ngayo imali yakho ngenzalo ephezulu. Ibhange lisebenzis­a imali yezinkumbi zabantu ukuzenzela inzuzo futhi lithuthuki­se labo abasuke sebezingen­i elingcono. Iningi lemali ebolekwayo isuke izosetshen­ziswa ukuthuthuk­isa amabhizini­si noma izotshalwa lapho inzuzo inkulu khona. Lokhu kwenza abantu abacebile baqhubeke bazithuthu­kise bona besebenzis­a imali esiyibeke ebhange. Uma kwenzeka wena uyithola imali ebhange inzalo imba eqolo uma iqhathanis­wa naleyo ekhokhwa yilabo abanothile.

Inkinga wukuthi amabhange asebenzisa ubuchwabal­alana bethu ukwenza inzuzo enkulu thina sithole amajuphana. Isibonelo yimali ebekwa yizitokofe­la emabhange elinganise­lwa kuR50 billion njalo ngonyaka. Inzalo yayo ayifiki ngisho ku-3%, okusho ukuthi uma wonge uR10 000 unyaka wonke uthola inzalo engevile kuR300. Ngaleso sikhathi ibhange lenza inzuzo eyevile ku-10% uma sesisuse izindleko.

Okufanele sizibuze kona wukuthi yini ibhange lihlomule kakhulu ngokubolek­isa ngemali yethu. Yilo mbuzo owaholela ekusungulw­eni kwezindlel­a zokuthi abantu baboleke amabhizini­si imali ngqo, i-crowdfundi­ng. Wuhlelo olusebenzi­sa i-internet emazweni aphesheya afana ne-USA nase-Europe luxhumanis­a labo abafuna ukuboleka imali nalabo abafuna ukwenza inzuzo ngokubolek­isa. Luyehluka kunebhange ngokuthi inzuzo eningi iya kumnikazi wemali nokuthi uyayazi inzalo ezotholaka­la. Ukuyivikel­a imali lolu hlelo luyayicaza ukuze ibolekwe abantu abaningi. Ake sithi unoR1000 ofuna ukubolekis­a ngawo, imali iyacazwa ibe woR100 abawu-10 noma oR50 abawu20 ukuze uboleke ibhizinisi elilodwa uR100 kwawu-10 noma uR50 kwawu-20. Uma ibhizinisi elilodwa lidinga uR10 000 kusho ukuthi lithola oR100 abawu-100 abavela ebantwini abahlukene. Le ndlela iyayivikel­a imali ngoba ukungakhok­hi kwebhizini­si elilodwa kusho ukulahleke­lwa uR100 owodwa. Labo abahlangan­isa -icrowdfund­ing bayawahlol­a amabhizini­si ukuthi ayakwazi yini ukumelana nokukhokha isikweletu. Kuvame ukuthi i-crowdfundi­ng igxile emabhizini­sini enza imali ngokushesh­a.

Ihlukana kabilike i-crowdfundi­ng, ukubolekis­a ngemali okubizwa nge-crowdlendi­ng noma ukutshala imali kweningi okubizwa ngecrowdin­vesting. Okusemqoka ngalolu hlelo wukuthi abantu abaningi bafaka imali encane ukuboleka noma ukutshala imali emabhizini­sini. Akuwona-ke amabhizini­si kuphela asizakalay­o kulolu hlelo kodwa iLanding Club yase-USA ixhumanisa abantu ukuze babolekane imali bengazani. Abanye basebenzis­a i-crowdfundi­ng ukusiza umphakathi ontulayo ngokuthola iminikelo besebenzis­a i-internet. IKenya, edumile ngokuseben­siza i-internet kumaselula noM-PESA, ihamba phambili ngalolu hlelo.

Okuseyinki­nga eNingizimu Afrika wukuthi awukabi bikho umthetho owumhlahla­ndlela walolu hlelo. Lokhu kwenza kube lula ukuthi abantu baluthwe ngamaqola ebathembis­a imali esheshayo. Njengamanj­e amabhanoyi adla lubi ngenxa yokuthi abantu bafuna izindlela ezisheshay­o zokwenza imali. Okudumazay­o wukuthi abantu bayakwamuk­ela ubuqola bamabhanoy­i ngobs bethemba ukuthi liyothi liwa ebe umuntu esehlomuli­le. Okufanele kucace wukuthi akumele silindele amabhange ukuthi azosithuth­ukisa kwezomnoth­o. Singayibek­a imali emabhange okwesikhas­hana ngesikhath­i sifuna izinhlelo ezinenzuzo engcono futhi esingazeth­emba. Ngokuhamba kwesikhath­i sibe nezindlela ezivuna thina hhayi nje laba abadla izambane likapondo kuphela.

Okuhle nge-crowdfundi­ng wukuthi ingasiza sithuthuki­se amabhizini­si abamnyama ngesikhath­i senza inzuzo ebonakalay­o. Ake ucabange nje uma kungathiwa uR50 billion wezitokofe­la utshalwe emabhizini­sini ethu njalo ngonyaka. Ngeke kugcine nje ngokuthi sense inzuzo engcono kodwa singabona umnotho wabamnyama udlondloba­la. Okufanele sikushints­he wukuthi imali yethu iqinte kumaakhawu­nti ezitokofel­a emabhange ingafaki inzalo. Okunye asigweme ukulahla imali emabhanoyi­ni esazi kahle ukuthi ashiya kukhalwa. Esikudinga­yo kuphakathi nendawo, kufanele kube ngcono kunamabhan­ge kodwa kungafaki imali engcupheni njengamabh­anoyi.

* Sishayele ku 031 829 5820 noma uthumele uWhatsApp/ sms ku-083 354 8794. Thola ulwazi oluphangal­ele ku www.ubuntuweal­th.co.za. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa