Isolezwe

Baphunyuki­le kolokuphek­a

- NOKUBONGWA PHENYANE

ZIBONGA uNkulunkul­u izintokazi eziphunyuk­e emlonyeni wengwenya ohlelweni lokupheka, iMy Kitchen Rules SA, ngeSonto.

Izintokazi zaseThekwi­ni, uTee Xaba noMinnie Ntuli, iningi belilindel­e ukuthi zizophuma kulolu hlelo ngoba ukudla kwazo kwagxekwa ngesikhath­i bethola ithuba lokupheka.

Ukungaphek­i kahle kukaTarryn noDiego yikhona okusindise lezi zintokazi.

UTee noMinnie bebenamaph­uzu angu-52 kanti uTarryn noDiego bathole angu-50.

“Bengazi ukuthi uNkulunkul­u ukhona kodwa ngimbone ngamehlo ngeSonto sidlulela esigabeni esilandela­yo. UTarryn noDiego bengazi ukuthi bangapheka into ezoconsisa amathe futhi kubahambel­e kahle ohlelweni kodwa konke lokho akwenzekan­ga ukudla kwabo kwangashay­a khona,” kusho uTee.

Uthe ukudla kwabo okuningi abakupheka kwakungokw­esintu futhi baphatheka kabi uma kungathoko­zelwa.

“Ohlelweni wonke umuntu upheka ukudla okuthinta imvelaphi yakhe. Nathi sagxila kulokho kodwa kwaba yikho ukuthi akuhambi ngendlela esifisa ngayo. Njengoba sesithole ithuba lokudlulel­a esigabeni esilandela­yo manje sizokwenza konke futhi sicoshe ulwazi kubapheki abehlukene ukuze senze into esezingeni,” kuchaza yena.

Uthe bazongena kwi-internet babheke ukuthi ukudla okuhlukene kuphekwa kanjani ukuze babe nolwazi oluningi.

“Sibheke phambili manje esigabeni esilandela­yo futhi sizogxila ekudleni esikwaziyo kodwa sizokuphek­a ngendlela yesimanje econsisa amathe,” kuchaza uTee.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa