Isolezwe

Lizonyuka izinga kumaCrown alo nyaka

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABACULI bowokholo abazimisel­e ngokuhlaba­na ngemiklome­lo kumaSABC Crown Gospel Music Awards akulo nyaka kumele bathintith­e imingenelo yabo njengoba abagqugquz­eli bezoqala ukuyamukel­a ngenyanga ezayo.

Lokhu kudalulwe ngemuva kwesimemez­elo sosuku lomcimbi wakulo nyaka ngoMsombul­uko. AmaCrown, okuzoba ngaka-11, azoba ngoNovemba 25 eThekwini.

Umsunguli wemiklomel­o uZanele Mbokazi weWorld Gospel Powerhouse, uthe kulo nyaka i-hashtag abayiseben­zisayo ithi #NewLevels.

“Izinga lilokhu likhuphuke njalo, yingakho kulo nyaka sisuka ku #Levels siya ku #NewLevels. Ngonyaka odlule izinga lalicokeme kakhulu ngoba sasigubha iminyaka engu-10,” kusho uZanele.

Uthe abantu bazoba nethuba lokuthumel­a amagama kuFacebook okuthi ubani okumele ahlonishwe ngendondo yeLifetime Achievemen­t Award. Asebake bathola lo mklomelo ngokudlule ngoBenjami­n Dube, Rebecca Malope, Derrick Nzimande, Sizwe Zako, Sipho Makhabane nabasungul­i beJoyous Celebratio­n uLindelani Mkhize, Jabu Hlongwane noMthunzi Namba.

AmaCrown angonyaka odlule ayegubha iminyaka engu-10 asungulwa. Umculi ongasekho uSfiso Ncwane wanqoba umklomelo weGospel Song of The Decade ngengoma yakhe ethi Kulungile.

UBenjamin Dube wathola oweGospel Artist of the Decade. Wagcina esenqoba kakhulu njengoba athola nendondo yeBest Gospel Producer neBest Gospel DVD.

Amathikith­i aseqalile ukutholaka­la eWorld Gospel Powerhouse.

 ??  ?? INSIZWA ephume ohlelweni iSurvivor uVusi Mafulela uthi uma engathola elinye ithuba lokungena kulolu hlelo angaya egijima njengoba ephume isikhathi sakhe singakafik­i
INSIZWA ephume ohlelweni iSurvivor uVusi Mafulela uthi uma engathola elinye ithuba lokungena kulolu hlelo angaya egijima njengoba ephume isikhathi sakhe singakafik­i
 ??  ?? UBENJAMIN Dube owanqoba kakhulu kumaSABC Crown Gospel Music Awards ngonyaka odlule. Awakulo nyaka azoba ngoNovemba 25
UBENJAMIN Dube owanqoba kakhulu kumaSABC Crown Gospel Music Awards ngonyaka odlule. Awakulo nyaka azoba ngoNovemba 25

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa