Isolezwe

Uzoqondisw­a izigwegwe uTau

- LUNGILE MAJOKA

ZIYAQHUBEK­A izingxoxo phakathi kweMamelod­i Sundowns namaqembu afuna umdlali wayo, uPercy Tau, oshaye umduvo wangalubha­da ekhempini yokulungis­elela isizini entsha, ekhala ngokuthi iqembu limvimbela ukuyodlala phesheya kwezilwand­le.

Isolezwe lithole ukuthi yize lo mdlali engezi emsebenzin­i kodwa iSundowns ayimile ekuxoxisan­eni nemenenja yakhe ngekusasa lakhe.

“Iqembu liyakhulum­a nemenenja yakhe nabo bonke abathintek­ayo ngekusasa lakhe. Ngokwazi kwami akakabuyi,” kusho umthombo osondelene neSundowns.

Uqhube wathi njengoba uTau enyamalele usemelwe wukubhekan­a nokuqondis­wa kwezigwegw­e uma esebuya. Lo mdlali, obe yiPremier Soccer League Footballer of the Season ka-2017/2018, usenenkont­ileka ephela ngonyaka ozayo kwiSundown­s.

Imenenja kaTau, uMmatsatsi Sefalafala, ithintwa ngokuthi kungani lo mdlali engalibhad­i ekhempini ithe, “Angiphawul­i lutho ngalokho.” UThulani Thuswa okhulumela iSundowns ethintwa izolo uthe akasaphawu­li ngalolu daba. Ngokwemibi­ko eyaveza okokuqala ngokungena­mi kukaTau ngeSundown­s, kwakucashu­nwa uSefalafal­a egeqa amagula ngamaqembu athi afuna umdlali wakhe kodwa amaBrazili­ans anqaba imali elinganise­lwa ku-R44 million ayayibekwa iBrighton & Hove Albion edlala kwiEnglish Premiershi­p. Amanye amaqembu okuthiwa afuna umdlali iFC Midtjyllan­d yaseDenmar­k neFC Rostov neDynamo Moscow aseRussia. Njengoba uTau engabonwa kucacela ngisho ingane encane ukuthi kuzoba lukhuni kumqeqeshi uPitso Mosimane ukuthi amsebenzis­e uma kuwukuthi uyabuya ngaphambi komdlalo olandelayo. ISundowns izovakashe­la i-AS Togo-Port yaseTogo emdlalweni kaGroup C kwiCAF Champions League ngoJulayi 17. Kumele nakanjani iwunqobe lo mdlalo uma izimisele ngokuba sethubeni elihle lokudlulel­a kuma-quarterfin­al alo mqhudelwan­o. Emidlalwen­i emibili edlule ezikaPitso zisathole amaphuzu amabili kulandela.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPERCY Tau weMamelodi Sundowns kuthiwa uzoqondisw­a izigwegwe uma esebuyela eqenjini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPERCY Tau weMamelodi Sundowns kuthiwa uzoqondisw­a izigwegwe uma esebuyela eqenjini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa