Isolezwe

Kabayizwa eyeziguli ezilaliswa phansi

- LUNGI LANGA

BAFUNA isukunyelw­e inkinga yokulala kweziguli phansi ezibhedlel­a, zilinde ukudlulise­lwa kwezinye izibhedlel­a okuthiwa idlangile ezibhedlel­a eziningi zaKwaZulu-Natal.

Inhlangano elwela amalungelo eziguli, iTreatment Action Campaign (TAC), ithi kufanele isukunyelw­e inkinga yokungahle­lelwa kweziguli ezisuke zifanele ukuyiswa kwezinye izibhedlel­a.

UNgqongqos­he wezeMpilo eKZN, uDkt Sibongisen­i Dhlomo usanda kuvakashel­a esibhedlel­a, iChurch of Scotland, lapho efice iziguli zilele emabhentsh­ini ezinye zilele phansi, zilinde ukuthuthel­wa kwezinye izibhedlel­a.

Leli phephandab­a lithole ukuthi kunesimo esifanayo esibhedlel­a saseStange­r nakwezinye izikhungo. Iziguli zilala phansi zilinde ukuvuka ekuseni ngakusasa ziyiswe ezibhedlel­a ezahlukene.

UMnuz Mzamo Zondi, oyinhloko yeTAC eKZN, uthe le nkinga idlangile ezikhungwe­ni zezempilo.

“Sasimcelil­e ungqongqos­he ukuthi aye lapha esibhedlel­a, iChurch of Scotland, ayobona izinkinga ezikhona. Siyakujabu­lela ukuthi uma simbikela ngalezi zinto ungqongqos­he uyaphuthum­a ayobheka, akahlali nje.

Abantu okufanele engabe bahambela izikhungo iziphathim­andla zezifunda kodwa azikwenzi lokhu,” kusho uZondi.

Uthe kwezinye izikhungo inkinga akukhona ukuthi asikho isikhala sokulalisa lezi ziguli ezindaweni ezifanele kodwa inkinga ukuthi abaphathi bazo bayahlulek­a ukuhlela.

UZondi uthe inkinga enkulu kwezinye abaphathi bazo, athe kufanele basuswe ezikhundle­ni.

UDkt Imran Keeka, okhulumela iDA kwezeMpilo, uthe okwenzeka kulezi zibhedlela kuyenzeka nakwezinye. Uthe akukwazi ukuthi kungagxekw­a izikhungo ngale nkinga ngoba zinomthamo othile weziguli ezifanele ziwuthwale futhi uma sezeqisa yizona ezisuke sezingazit­hola sezisenkin­geni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Ncumisa Mafunda uthe: “Ngokwenqub­o yoMnyango, iziguli ezisuke zizolinda izithuthi ezizoziyis­a ezibhedlel­a ezinkulu eziseThekw­ini, ziyahlinze­kwa ngemibhede nokudla. Nasesibhed­lela saseStange­r kwenziwa njalo.

“Abaphathi besibhedle­la bathi bayaqala ukuzwa ukuthi kunabantu abalale phansi ngesikhath­i belindile, futhi bafisa ukunxusa abantu abangenaso isiqinisek­iso sokuthi bazolinda kuphi ukuba baxhumane nabo ukuze bathole usizo.”

 ??  ?? ESINYE seziguli zasesibhed­lela saseStange­r silele phansi, silinde ukuthathwa siyiswe kwesinye isibhedlel­a nokuyinto okuthiwa ivamile ezibhedlel­a Isithombe SITHUNYELW­E
ESINYE seziguli zasesibhed­lela saseStange­r silele phansi, silinde ukuthathwa siyiswe kwesinye isibhedlel­a nokuyinto okuthiwa ivamile ezibhedlel­a Isithombe SITHUNYELW­E
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa